Imenenja ikhala ngokubanjiswa udonga komdlali wayo yiChiefs
Imenenja kaSiyethemba Sithebe, osanda kuchithwa yiKaizer Chiefs, uSihlangu Sithebe ikhala ngokubanjiswa udonga yileli qembu laseNaturena.
USithebe uphakathi kwabadlali ezingavuselelwanga izinkontileka zabo yiChiefs. Kulabo badlali kukhona uKeagan Dolly, uSifiso Hlanti noGonzalez.
Ngokusho kukaSihlangu iChiefs yayithembise ukuyelula inkontileka yalo mdlali kodwa kwagcina kungenzekanga konke lokho.
“Basitshela ukuthi ngeke bayivuselele inkontileka ngoba bakhethe ukubheka abanye abadlali,” kusho uSihlangu kwiSolezwe.
“Akuzange kusinike inkinga ukuthi babelokhu besithembisa ukuthi inkontileka izovuselelwa. Ngiyile kaningi eNaturena bakuqinisekisa ukuthi inkontileka izovuselelwa.
“Kodwa ngeke ngibagxeke yize kwagcina kungahambanga kahle futhi ngeke lolu daba lube yinto enkulu. Kukhona amaqembu asevele aqhamukile akhombisa ukuthi ayamfuna.
“Kukhona aseGauteng kanti amanye aKwaZulu-Natal. Kodwa kuzocaca ngokuhamba kwesikhathi.”
USithebe ufike kwiChiefs evela kuMaZulu ngo-2022. Nokho kuMakhosi izinto azimhambelanga kahle njengoba eze wahamba engashayanga ngisho igoli elilodwa.