EzakamuvaIbhola

‘Wenelisekile’ umqeqeshi weBafana Bafana yize icononozela nje

Sihle Ngubo

Uzwakalise ukweneliseka ngeqembu lakhe umqeqeshi weBafana Bafana, uMorena Ramoreboli, ngemuva kokuthi beshaye iBotswana ngo 2-1 kwiCosafa Cup ngoMgqibelo ntambama.

Kulo mdlalo obuseKing Zwelithini Stadium, eMlaza, iBafana Bafana igeje inqwaba yamathuba ngesiwombe sokuqala. 

Nokho uRamareboli, obambe kulesi sikhundla kulandela ukungabi nezimfanelo zokuhlala ebhentshini kukaHelman Mkhalele. Akazange atatazele enze ushintsho sekubuyelwa esiwombeni sesibili.

“Bengilokhu ngibona ukuthi kushoda kancane yikho ngingashintshanga ngesikhathi sekhefu. 

“Abafana benze kahle kakhulu, iphutha elincane ebesilenza ukubadedela bathole ibhola ngemuva kodonga lwethu,” kusho uRamoreboli.

“Nokho namuhla sidlale kahle kakhulu kunomdlalo wokuqala neNamibia. Besikudinga kakhulu ukuwina namuhla.”

IBafana Bafana ibilokhu iwuphethe umdlalo kusukela esiwombeni sokuqala kodwa igeja sengathi ikhokhelwe. Kuze kwashintsha umdlalo ihluleka ukubona amapali lapho ebebheke khona.

Isiwombe sesibili siqale kuyisimo esifanayo. Nokho izinto zishintshile ngesikhathi iBotswana ishaya igoli ngomzuzu ka-63, elize noThatayaone Kgamanyane.

Kuphele umzuzu owodwa iBotswana yadala iphenathi. UTebogo Kopelang ubambe umdlali weBafana Bafana eseyoshaya igoli unozinti eselele phansi. 

Ukhishwe ngekhadi elibomvu uKopelang, kwathi u-Iqraam Rayners wayibeka phakathi iphenathi ngomzuzu ka-65.

Ivukile emaqandeni iNingizimu Afrika ngemuva kwalokho. Akumangazanga uShauna Mogaila eshaya igoli lesibili, yahamba phambili ngo 2-1. 

Ngokushaya iBotswana seyinamaphuzu amane iNingizimu Afrika. Emdlalweni wokuqala ibambane neNamibia ngo 1-1. Nakhona kwaba yiyo inkinga yokushweba amathuba.

FUNDA NALA: Kuvela okwenze uKhama Billiat waduba kwiChiefs

Yiyo esiseqhulwini kuGroup A futhi sekumele ishaye Isihlangu seMnikati saseSwatini ukuze iqede iphezulu kuleli qoqo.