Kukhalwa ngenkinga yamaholo kwiRichards Bay
SIHLE NGUBO
Kukhalwa ngokuthi akuholwa ngesikhathi kwiRichards Bay FC nokuyinto eyenza ukuthi abadlali babe nokuhudula izinyawo.
Ngokomthombo weMpempe osondelene naleli qembu laseMhlathuze, sekuyinto ejwayelekile ukuthi kuthule nya ngamaholo. Lo mthombo ucele ukuthi lingavezwa igama lawo kodwa naye lo omunye wabantu okungabehli kahle ukuthi abasalwazi ukuthi yiluphi ngempela usuku lokuhola.
INatal Rich Boyz isanda kunqoba imidlalo yokuhlunga nokwenze yagcina indawo yayo kwiDStv Premiership. Ibiqede endaweni ka-15 kwilogi nokwenze yadlala le midlalo lapho ibibhekene namaqembu eMotsepe Foundation Championship, i-University of Pretoria neBaroka FC. Inqobe le midlalo ingayazi induku.
“Le yokuhola sekudlule isikhathi isingumkhokha nje kuleli qembu,” kubalisa umthombo.
“Namuhla usuku lokuqala lokuziqeqesha. Esikhundleni sokuthi abadlali noma ababili bafike izolo (ngoLwesibili), kufike umacekeceke (umdlali omusha) waseBloemfontein. Naye ulandwe esikhumulweni sezindiza.
“Abalayikhaya mhlawumbe bahlose ukuthi bazofika sekusondele isikhathi sokuziqeqesha, bengazange baphumule ngenxa yemali engasafiki ngesikhathi.
“Osekungihlanganise naleli qembu yikho ukuthi ngisebenza wona lo msebenzi, lapho ngihola khona sengingazi. Anginakho okunye engingakwenza, ngizoya kuphi?”
Ngesikhathi ubuzwa umthombo ukuthi abadlali baholelwa sekudlule isikhathi bonke yini, uphendule wathi: “Bahola kuqala laba abasatshwayo osibanibani (egagula igama lalo mdlali weBay).
Impempe ibe isithinta uXolani Zungu, oyi-Media Officer kwiBay, ukuthi aphawule ngalezi zinsolo. Uthe ayingangaye uzodlulisela inombolo yentatheli kumuntu ozokwazi ukuphawula, osehhovisi. Sihambile isikhathi kungekho othinta intatheli lwaze lwashicilelwa udaba.