Ezakamuva

IChilli Boys izokwethula u-Andile Jali njengomdlali wayo omusha

U-Andile “Gatusso” Jali kuvela ukuthi usegcine elitholile ikhaya elisha ngemuva kokuhlala isikhathi eside engenalo iqembu.

Ngokubika kwe-Ink Sport lo mdlali uzokwethulwa ngokusemthethweni yiChippa United, ngoLwesithathu ngo-11 ekuseni. UJali, owake wayibamba kwi-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns, ugcine ukubonakala enkundleni egqoke imibala yeMoroka Swallows.

Ngemuva kokusuka kweziphithiphithi nezinkinga zemali kuleli qembu laseSoweto, uJali ube yingxenye yenqwaba yabadlali abaxoshwe iZinyoni. Bakhona abadlali ababuyelile kuleli qembu kodwa uJali akabanga omunye wabo.

Kulandele ukuthi iSwallows ihlukane nobengumqeqeshi uSteve Komphela, osecija iLamontville Golden Arrows. IZinyoni zaseDube zisinde kancane ekudliweni yizembe ekupheleni kwesizini edlule.

Njengamanje sekuphelile ngeSwallows kwiDStv Premiership njengoba isidayisele iMarumo Gallants isitifiketi sokudlala kule ligi enkulu eNingizimu Afrika. UJali umataniswe namaqembu amaningi ngemuva kokushiya iZinyoni kodwa sekuqunisekisiwe ukuthi uzobe eyibamba kwiChilli Boys kaSiviwe “Chippa” Mpengesi.