Ezakamuva

IChiefs izovala isikhala sikaHlanti ngomdlali wePirates

SIHLE NGUBO

IKaizer Chiefs seyimtholile umdlali ezovala ngaye isikhala sikaSifiso Hlanti, obedlala emuva kwesokunxele kuleli qembu.

Ngokubika kweSABC Sport, uBongani Sam we-Orlando Pirates, kulindeleke ukuthi aqede konke naMakhosi maduze bese eba umdlali wawo ngokusemthethweni. IChiefs isanda kwehlukana noHlanti, uKeagan Dolly, uSiyethemba Sithebe noNjabulo Ngcobo.

Nakanjani bekubhiwe ukuthi leli qembu laseNaturena lithole umdlali ozoyibamba emuva kwesokunxele ingakaqali isizini. USam, oneminyaka engu-26, ungumdlali okahle ukuyovala lesi sikhala.

Lo mdlali ubebolekiswe kwiMoroka Swallows ngesizini edlule. Kuthe uma kusuka izinkinga kuleli qembu wazithola engasadlali ngomzuliswano wesibili wesizini ka-2023/2024.

Nokho ukuphela kwesizini bekusho ukuthi kumele abuyele kwiPirates ngoba usenenkontileka nayo. Akuvamisile ukuthi la maqembu aseSoweto adayiselane abadlali – bavamise ukuya kwelinye besuka kwelinye uma sebephelelwe izinkontileka.

USam kulindeleke ukuthi ahambe neqembu njengoba liyoqala ukuzilungiselela isizini entsha eTurkey. Nokho okokuqala okulindelekile ukuthi iChiefs imemezele uNasreddine Nabi njengomqeqeshi wayo omusha.