EzakamuvaiDStv Premiership

Lulokhu luqhubekile ufuduko lwabadlali kwiSundowns

SIHLE NGUBO

Kuyaqhubeka ukushiya kwabadlali kwiMamelodi Sundowns esanda kuhlukana nobengumqeqeshi wayo, uRulani Mokwena.

Umdlali wakamuva ukuqinisekisa ukuthi akasabuyeli eChloorkop uJunior Mendieta, wase-Argentina. Lo mdlali, oneminyaka engu-31, usejoyine iqembu laseGreece, iVolos, elidlala kwiSuper League.

UMendieta ufike kwiSundowns evela kwiStellenbosch FC ngo-2023. KwiStellies wafika ebolekisiwe ngo-2020 wagcina esayiniswe ngokuphelele ngo-2021.

Akukudala iSundowns imemezele ukuthi kushiya abadlali abane, uGaston Sirino, uBrian Onyango, uBongani Zungu noThabiso Kutumela. Ngemuva kwalokho iqembu lenze isimemezelo esikhulu sokushiya kukaMokwena obeqeqesha iqembu.

Kunamathuba okuthi kube khona abanye abadlali abashiyayo eChloorkop ingakaqali isizini entsha. UTeboho Mokoena ufunwa amaqembu ase-Europe ngakho ngeke kuthuse ukuthi naye agcine elishiyile iqembu. Uke wamataniswa futhi neqembu elihlonishwayo e-Afrika, i-Al Ahly yase-Egypt.

Omunye okungacaci ngaye kuBafana Ba’Style, uThemba “Mshishi” Zwane, okuvela ukuthi ubenganikwa inkontileka entsha. Lo mdlali ayaziwa amava akhe ngakho kunganzima ukuvala isikhala sakhe uma egcina eshiya kuleli qembu.

Akuhambi kahle kwiSundowns kulezi zinsuku selokhu kuvele izindaba zokungezwani phakathi kukaMokwena, ogcine ehambile, noFlemming Berg oyiSporting Director yeqembu. Ezakamuva zithi uGrant Kekana naye akeneme ngenkontileka entsha anikwa yona ngoba imali ayikhushuliwe.