EzakamuvaIbhola

Asesendalini, angase asheshe aphele amathikithi owamanqamu weMTN8

Sihle Ngubo

Abalandeli bakanobhutshuzwayo abafisa ukuyobuka umdlalo wamanqamu weMTN8 phakathi kwe-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns, kuzomele bazimisele ukushaya iphakethe ukuze bathenge amathikithi.

I-Premier Soccer League iqinisekisile ngoLwesine ukuthi aseqalile ukudayisa amathikithi alo mdlalo kanti abiza u-R100 lilinye. 

Umdlalo useMoses Mabhida Stadium Stadium, eThekwini ngo-Okthoba 7, kanti uzoqala ngo-6 ntambama. Amasango azovulwa ngo-12 emini.

IPirates ifike kowamanqamu ngokudlula kwiStellenbosch FC ngo 2-2 sekuhlanganiswe imilenze emibili. 

Isizwe ukuthi ishaye amagoli amabili ekuhambeni emlenzeni wokuqala eKapa.

ISundowns yona idlule kwiKaizer Chiefs ngo 3-2 sekuhlanganiswe imilenze emibili kweyandulela owamanqamu. 

Umdlalo womlenze wokuqala wawuphele ngo 1-1 eFNB Stadium, kwathi kowesibili kwaba ngu 2-1.

Ngokujwayelekile amathikithi abiza phakathi kuka-R40 no-R60 emidlalweni yeligi. La mathikithi atholakala eTicketPro.

Nokho lo mdlalo wamanqamu weMTN8 uthathwa njengophezulu ngoba kuzobe kutholene amaqembu aphezulu – iPirates neSundowns.

FUNDA NALA: Usale ebika imbiba, abike ibunzi uTruter eshaywa yiChiefs

Iqembu elizodla umhlanganiso eMabhida lizokhala lemuke no-R8 million, kanti elizokhala ngaphansi lizothoka u-R800 000 kuphela.