Ikhilikithi

Ubuyile uBavuma kumaProteas ngemuva kwezinyanga

SIHLE NGUBO

UTemba Bavuma uzodlala ikhilikithi yomhlaba okokuqala kulo nyaka njengoba ezohola iNingizimu Afrika emidlalweni emibili yeTest eWest Indies ngenyanga ezayo.

Lo mdlali usalile eqenjini ebeliyibambe kwiNdebe yoMhlaba yeT20 ebiseWest Indies nase-USA. AmaProteas enze kahle kule midlalo kodwa agcina eshaywe yi-India kowamanqamu.

Umqeqeshi uShukri Conrad umemezele abadlali abangu-16 abazodlala le midlalo eqala ngo-Agasti 7 eTrinidad and Tobago. Umdlali weLions uMatthew Breetzke ubizwe okokuqala eqenjini lesizwe.

UBavuma walimala ngesikhathi iNingizimu Afrika ibhekene ne-India ngoDisemba kwiTest yokuqala. Akabange esayidlala iTest yesibili lapho amaProteas ashaywa khona.

Akayanga futhi eNew Zealand lapho iNingizimu Afrika yayithumele iqembu elingaqinile ngoba abadlali abaningi babedlala kwiSA20.

“Ngikushilo kuTemba ukuthi yisikhathi sokuthi njengabadlali be-test sibe nesikhathi esiningi ndawonye,” kusho uConrad.

Selilonke iqembu limi kanje:

Temba Bavuma (ukaputeni), David Bedingham, Matthew Breetzke, Nandre Burger, Gerald Coetzee, Tony de Zorzi, Keshav Maharaj, Aiden Markram, Wiaan Mulder, Lungi Ngidi, Dane Paterson, Dane Piedt, Kagiso Rabada, Ryan Rickelton, Tristan Stubbs, Kyle Verreyne.