EzakamuvaIbhola

U-Yamal weSpain unekhono, isibindi nokuzethemba

SIHLE NGUBO

Umdlali osemncane waseSpain, uLamine Yamal, ukhombisa ukuvuthwa okuyisimanga yize eseneminyaka engu-16 nje kuphela.

Lo mdlali weBarcelona wenza ezibukwayo kwi-Euro ka-2024 ebanjelwe eGermany. Usedlale yonke imidlalo kulo mqhudelwano futhi ukhombisa ukungesabi nakancane uma esenkundleni.

Ushaye igoli ngesikhathi iSpain inqoba ngo 2-1 kwiFrance emdlalweni owandulela owamanqamu we-Euro ka-2024, ngoLwesibili ebusuku. Usedlale imidlalo eyisithupha, washaya igoli, wasiza ukwakha amathathu.

Lokhu kukhombisa ukuthi inkulisa yamazwe afana neSpain isezingeni eliphezulu. UYamal, udlale kwi-Under 15, 16, 17, 19 kanti usengadlala nakwi-Under 23. NgoMgqibelo uzobe ehlanganisa iminyaka engu-17 kodwa kuningi asekwenzele izwe lakhe.

Lo mdlali usafunda futhi bekuvela ephethe izincwadi etadisha njengoba kuqhubeka imidlalo ye-Euro. Abadlali baseNingizimu Afrika abasebancane kumele basike iphethini kuYamal, bangesabi ukubhekana nenselelo esuke iphambi kwabo.

Abaqeqeshi beDStv Premiership kumele bayeke ukwesaba ukunika abadlali abasebancane ithuba ukuze basheshe bavuthwe. ENingizimu Afrika uthola ukuthi umdlali oneminyaka engu-23 akakaze adlalele iqembu lesizwe iBafana Bafana. Indlela enza ngayo uYamal kufanele iyishintshe indlela yokucabanga yaseNingizimu Afrika uma kukhulunywa ngabadlali abasebancane.

UYamal uthe wesese ngempumelelo yeqembu ngemuva kokushaya iFrance.

“Ngiyajabula kakhulu ukuba kowamanqamu. Igoli liqhamuke ngezikhathi ezinzima, ngithole ibhola, angizange ngicabange, langena phakathi,” kusho uYamal ngemuva komdlalo.

“Sengicela ukunqoba owamanqamu. Bengifuna ukujabulela usuku lwami lokuzalwa eGermany futhi ngijabule kakhulu.”