EzakamuvaiNedbank Cup

Iphume ngembobo yenaliti iDowns kuMaTuks

IMamelodi Sundowns idlule izwile kwi-University of Pretoria ukungena emidlalweni eyandulela owamanqamu kwiNedbank Cup. 

Leli qembu lasePitoli linqobe ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokuthi AmaTuks eyilwise waze waphela umdlalo. 

ISundowns ilishaye ngomzuzu wesishiyagalombili igoli. Kube ngelihle elishaywe uLucas Ribeiro.

Lo mgadli ugoqe abadlali baMaTuks, wajika nabo ngaphandle kwebhokisi qede wadedelela intululwane yeshodi. 

Ngemuva kwalokhu bese kubukeka izozidlulela kalula nje njengoba beyisilishaye kuqala igoli. 

Kodwa kuthe ngomzuzu ka-32, uDenile Abrahams walithola elokulinganisa ngemuva komnyakazo omuhle wokuhlasela waleli qembu. 

Kuze kwayiwa ekhefini zisabambene Nasesiwombeni sesibili iqhubekile nokugoloza i-Universit of Pretoria. 

Yize amathuba abekhona kuwo womabili amaqembu, kodwa uze waphela umdlalo zisabambene ngo 1-1.

Nasesikhathi esengeziwe alikho elivume ukugoba uphondo, kwaze kwashaya isikhathi sokuthi indaba iyoqedelwa phansi kwepali.