EzakamuvaIbhola

OweChiefs ucacisa ngobudlelwano neTurkey

SIHLE NGUBO

IKaizer Chiefs isazoba nobudlelwano obuhle neTurkey noma sekudlulile ukulungiselela isizini entsha yeDStv Premiership.

Lokhu kuqinisekiswe yiMarketing and Commercial Director yaleli qembu, uJessica Motaung, ngesikhathi evakashele izindlu zenxusa laseTurkey ePitoli ngoLwesibili. Lapha ufike wahlangana no-H.E Ms. Aysegul 

Kandas, oyinxusa laseTurkey eNingizimu Afrika. 

Lokhu kuhlangana bekuwukubungaza ukuzilungiselela isizini kweqembu njengoba linekhempu eTurkey, okuyingxenye yokuqinisa ubudlelwano phakathi kwaleli lizwe neqembu.

“Siyajabula kakhulu ukuba seTurkey, izwe elaziwayo ngokuthanda ibhola nezemidlalo jikelele,” kusho uMotaung.

“Ukuba khona kwethu laphaya kuchaza ukuzinikela kwethu ngobudlelwano namazwe omhlaba nokucobelelana ngolwazi lwebhola. Siyabonga kakhulu ngokwemukelwa kahle kweqembu lethu futhi sibheke ukuthi buqhubeke ubudlelwano noma sekudlulile ukulungiselela isizini.”

Ubudlelwano phakathi kweChiefs neTurkey bunomlando obambekayo njengoba izinkakha zabadlali abafana noDonald ‘Ace’ Khuse, uJohn ‘Shoes’ Moshoeu, uFani Madida, uSteve Komphela, uPollen Ndlanya, noSiphiwe Tshabalala, sebeke badlala kwiligi yaseTurkey. Ngaphandle kwalokho uMuhsin Ertugral, odabuka eTurkey, useke wahola iChiefs njengomqeqeshi ngempumelelo, izikhawu ezimbili ezehlukene.

Iqembu liyaqhubeka namalungiselelo ekhempini eseTurkey futhi lizodlala imidlalo yobungani namaqembu akhona, lijabulele nezinto eziwusiko lwakhona. Ngemuva kwalokho iChiefs izobuyela eNingizimu Afrika lapho izobhekana neYoung Africans yaseTanzania, emdlalweni weToyota Cup, eBloemfontein ngoJulayi 28.