UMalesela ubona ezoba nenkinga umqeqeshi omusha weChiefs
UDan “Dance” Malesela obeqeqesha iBaroka FC ushaya amakhala ngokuthi umqeqeshi omusha weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, ngeke abe nalo iphini laseNingizimu Afrika.
UNabi, waseTunisia, ufike namaphini akhe amabili kanjalo nomqeqeshi wonozinti. Lokhu bekusho ukuphela kwetoho kuDillon Sheppard obeyiphini lomqeqeshi kwiChiefs no-Aubrey Mathibe obengumqeqeshi wonozinti.
UNabi ufike noFernando Da Cruz, oyiphini lakhe lokuqala, uKhalil Ben Youssef, oyiphini lesibili, u-IIyes Mzoughi, ongumqeqeshi wonozinti, no-Ayman Makroud oyi-video analyst. Nokho uMalesela ubona bekumele kube khona iphini laseNingizimu Afrika.
“Uma umuntu efika udinga ukuba nesiqiniseko sokuthi ungumuntu okahle. UNabi uzojwayela kanjani ngaphandle komuntu waseMzansi, ngaphandle komuntu ozomhola amsize ukuthi usiko lweChiefs lunjani? Lokho kungase kube yinkinga,” kusho uMalesela kwi-Arena Sports.
“Angisho ukuthi uzohluleka noma ngifisa abe yisehluleki. Engikushoyo ukuthi lezi izinto okumele azilindele nokuthi abantu bazomubekezelela kangakanani ngoba akuyiwa kwiChiefs ukuyozama inhlanhla. Isinqumo sokusebenza ngaphandle kwephini laseNingizimu Afrika singamenzela phansi.”
Njengamanje uMalesela akanaqembu aliqeqeshayo kulandela ukuhlukana neBaroka. Iqembu elingenaye umqeqeshi yiLamontville Golden Arrows, esanda kuhlukana noSteve Komphela obuyele kwiMamelodi Sundowns.