EzakamuvaIbhola

UThabo Rakhale noShwama ebhentshini koweChiefs neRollers

Njabulo Shezi

Abadlali abathathu bakuleli abadlala kwiTownship Rollers – oThabo Rakhale, Siphamandla Sangweno noTsepo “Skhwama” Matete – bangase badlale kowobungani neKaizer Chiefs. 

UThabo Rakhale noSkhwama badume ngomjiko onenkosi phakathi kanti uSangweni yena waziwa ngokuqinisa unyawo esiswini.

Laba badlali bakuleli basanda kusayina kulezi zinkunzi zaseBotswana njengoba sebezobhekana neqembu langakubo eNingizimu Afrika. 

USkhwama ujoyina leli qembu nje udedelabedlala kuyo ngesizini edlule. Uhlale izinyanga eziyisithupha kuphela. 

USangweni, ophuma enkulisa ye-Orlando Pirates, ubengakaze adlale kwiDStv Premiership ngaphambi kokuthi aye eBotswana. Ubesadlale kwiMotsepe Foundation Championship. 

UThabo Rakhale yena ubesenesikhashana engenalo iqembu adlala kulo, futhi besike sabika ngaye ekhala ngosizi lwesizungu njengoba ebengasadlali.

Ngaphambi kokusayiwa yiRollers lo mdlali owazakhela igama kwi-Orlando Pirates ubeke wathi qu kwiJomo Cosmos kodwa akazange esadlale sekuvela leli thuba. 

IChiefs neRollers bazozwana amandla emdlalweni oyingxenye yamalungiselelo esizini entsha eNational Stadium, eGaborone.

Ngumdllao wesibili weChiefs ngaphandle kwakuleli njengoba ibibhekene neYoung Africans ngempelasonto edlule. 

Nokho indlela edlale ngayo kulo mdlalo waseTanzania ayizange iwakhuphule amathemba kubalandeli ngokuthi leli qembu lisezandleni ezifanele kuMolefi Ntseki. 

Kubhekwe ukuthi lidlale kangcono kulo mdlalo futhi likhombise ukuthi seliyilungele inselelo yeDStv Premiership. 

IChiefs izovula ngomdlalo ongeke ube lula kuyo njengoba izobhekana neChippa United eMoses Mabhiba Stadium ngeSonto lika-Agasti 6.

Umqeqeshi weChippa, uMorgan Mammila ukuvezile kuleli viki ukuthi iChiefs yilona qembu abona kulula kakhulu ukudlala nalo. 

FUNDA NALA: Amathizethize asevimbe iChiefs ngomgadli waMaZulu

Uyishayile ke vele iChiefs ngesizini edlule kuyo le nkundla yaseThekwini emdlalweni weligi nala kwaqala khona ukunganambithisiswa kahle kuka-Arthur Zwane.