EzakamuvaIbhola

‘Angikho eSpain nePirates, ngisekhaya,’ kusho umdlali

PHILI HLONGWANE

Obengumdlali waMaZulu FC, uVeluyeke Zulu, uyaziqhelelanisa namahlebezi okuthi uhambe ne-Orlando Pirates njengoba iyolungiselela isizini entsha eSpain.

Ezinkundleni zokuxhumana kudume ukuthi lo mdlali, oyibamba emuva maphakathi, uhambe neBucs futhi angase asayine kuyona. UZulu, oneminyaka engu-29, wenqabe ukusayina inkontileka entsha noSuthu ekupheleni kwesizini edlule, wakhetha ukulishiya iqembu.

“Mina ngisekhaya oLundi, indaba yokuthi ngiseSpain ngiyayeshwama,” kusho lo mdlali. 

“Azikho futhi izingxoxo eziphakathi kwami ne-Orlando Pirates. Okwamanje anginalo iqembu. Okwamanje kusathulekile. Ngizihlalele ekhaya kodwa ngiyazilolonga ukuze kuthi uma kukhona okuvelayo ngibe ngikulungele ukudlala.”

Lo mdlali uke wadlalela iRichards Bay isikhathi eside kusukela ngo-2017 kuya kua-2021. Uke wayibamba nakwiChippa United, iMaritzburg United neLamontville Golden Arrows.

I-Pirates iseSpain lapho idlala khona imidlalo yobungani ukulungiselela isizini entsha yeDStv Premiership. Ohleni oluvele ngesikhathi ibhekene nePlymouth, kaWayne Rooney, ubengekho uZulu njengoba kuke kwasho abanye ezinkundleni zokuxhumana.