EzakamuvaiDStv Premiership

USukazi uthi akayifuni iChiefs ebozayo, kumele iqine

Usihlalo weTS Galaxy, uTim Sukazi, uthi badayisele iChiefs unozinti uFiacre Ntwari, ngoba bezama ukuyiqinisa.


Lo nozinti waseRwanda, oneminyaka engu-24, kuvela ukuthi usayine inkontileka yeminyaka emithathu neChiefs. Kulindeleke ukuthi ajoyine iqembu njengoba lilungiselela isizini entsha eTurkey.


Amakhosi azama ukubuyisa izinsuku zenjabulo njengoba eqashe nomqeqeshi omusha, uNasreddine Nabi. UNtwari umdlali wesibili ukusayinisa kwiChiefs kulandela ukusayina kukaBongani Sam, obesuka kwi-Orlando Pirates.


IRockets inakho ukudayisela amaqembu amakhulu abadlali abasezingeni eliphezulu. Ekuqaleni kwesizini edlule iChiefs ilande uGiven Msimango, odlala emuva, kuyona iGalaxy.

“IChiefs ibimdinga kakhulu umdlali futhi lokho ikwenze kwacaca. Akukona ukuthi besingamdingi umdlali kodwa lena yindlela esanza ngayo ibhizinisi,” kusho uSukazi kwiSABC Sport.

“Sesike sakwenza lokhu phambilini futhi sizophinde sikwenze futhi. Ngikholwa ukuthi ebholeni laseNingizimu Afrika kumele kube neChiefs eqinile futhi esezingeni eliphezulu.

“UNtwari yilolo hlobo likanozinti oluzofaka isandla kulokhu abakwenzayo. Asikwazi ukuba neChiefs entekenteke, uthanda noma ungathandi.”

IChiefs kulindeleke ukuthi idlale imidlalo yobungani namaqembu aseTurkey bese ibuyela eNingizimu Afrika. Izobe seyibhekana neYoung Africans, yaseTanzania, emdlalweni weToyota Cup, eBloemfontein, ngoJulayi 28.