Isililo kushona u-Alex Shakoane weMamelodi Sundowns
By Sbongs Gumbi
Omunye wezikhulu zeMamelodi Sundowns u-Alex Shakoane ushone ngoMsombuluko ekuseni kulandela ukugula isikhashana.
Lezi zindaba ezimbi zimenyezelwe yiSundowns ngoMsombuluko ezinkundleni zayo zokuxhumana.
“U-Alexy Shakoane ubeyithanda iMamelodi Sundonws futhi ube yisisebenzi sebhola esethembekile eMamelodi, eTshwane naseNingizimu Afrika yonkana.
“Ubelokhu ekhona kwiSundowns kusukela ngasekusungulweni kwayo ngeminyaka yo-1970,” kusho iSundowns esitatimendeni.
“Impilo kaBra Alex beyizungeza kwiMamelodi Sundowns futhi uzokhumbuleka kakhulu ngendlela abeyiyo eqenjini.
USihlalo weSundowns uTlhopie Motsepe yena uteh: “Umndeni wakwaMotsepe, ibhodi elengamele iqembu, abalandeli nawo wonke amalungu eMamelodi SUndowns alimele emoyeni ngokushona ngokuzuma kuka-Alex.”
Eminye imininingwane ngalolu daba izobuye ikhishwe ngokuhamba kwesikhathi.
Namanye amaqembu afana neKaizer Chiefs asedlulise amazwi enduduzo kwiSundowns nomndeni ka-Alex Shakoane.
FUNDA NALA: UPaseka Mako uthi bebephindiselela abalandeli kwiChiefs
“IKaizer Chiefs idlulisa amazwi enduduzo aphuma ekujuleni kwenhliziyo kwiMamelodi Sundowns nomndeni wakwaShakoane ngokudlula emhlabeni kuka-Alex Shakoane.
“Ubengumuntu osheshayo ukubonakala futhi wenze okuningi ebholeni lakuleli. Uzohlezi ekhumbuleka.”