UPercy Tau ufuna uCassius Mailula azibhalele owakhe umlando
Sbongs Gumbi
UCassius Mailula ubonakala ezolandela ezinyathelweni zikaPercy Tau, agcine engumdlali obalulekile kuleli.
Kodwa uPercy Tau akafuni lo mdlali afakelwe ingcindezi ngokuthi afaniswe naye ukuze azibhalele owakhe umlando.
UTau uthi naye wahamba eyakhe indlela engafani neyomunye, futhi uCassius Mailula kumele naye ahambe eyakhe.
Bobabili uPercy Tau noCassius Mailula bafike kwiMamelodi Sundowns bebancane, bagcina bezakhela igama.
Nokho uTau yena wake wakhishwa, kwabolekiswa ngaye ukuze ayoqina ukhakhayi ngaphambi kokubuya.
Ekubuyeni kwakhe wadlala kahle ngale ndlela yokuthi waze wabonwa yiqembu lase-England, iBrighton and Holves Albion eyabe seyimthenga.
Nokho yabolekisa ngaye nayo, wagcina esethengwe yi-Al Ahly la aseyisethenjwa kuyo nayisize inqobe iCaf Champions League ihlandla lika-11 muva nje.
UCassius Mailula yena uthole ithuba ngemuva kokulimala kukaPeter Shalulile, wangena wayibamba abalandeli baze balibala yilo mgadli waseNamibia.
Lokhu kumfake nakwiBafana Bafana. Kukhona ke asebebona uMailula enguTau wakusasa, kodwa yena akafuni ibhekwe kanjalo.
“Udlala kwiSundowns la engumgadli khona, angazi noma usebenzisa unyawo lwesinxele noma olwesikudla.
“Kodwa yena ungumfana okahle, simfisela okuhle futhi sethemba ukuthi uzoqhubeka nokukhula ebholeni,” kusho uTau kwabe-iDiski Times.
“Kodwa indlela yami ngeke ifane neyomunye umuntu, neyomunye ngeke ifane neyami. Ngakho naye uzozibhalela owakhe umlando.”
FUNDA NALA: IRichards Bay isibagxalile abaqeqeshi, isele nowonozinti kuphela
UCassius Mailula, osanda kuhlanganisa iminyaka emgu-22, ungomunye wabadlali umqeqeshi weSundowns uRulani Mokwena okubinakala akhela phezu kwabo njengoba elakha kabusha iqembu.