EzakamuvaiDStv Premiership

Siyakhula isibalo sabadlali abalimele kwiChiefs

SIHLE NGUBO

Bayanda abalimele kwiKaizer Chiefs njengoba ilungiselela isizini entsha ka-2024/2025.

UBongani Sam, osanda kusayina esuka kwi-Orlando Pirates, no-Edmilson Dove abadlali bakamuva beChiefs abalimele. Laba badlali kulindeleke ukuthi babuyele eNingizimu Afrika, bangasaqhubeki nokuba neqembu njengoba lilungiselela isizini entsha eTurkey.

Ngempelasonto iChiefs iqinisekise ukuthi uMduduzi Mdantsane ube sengozini yemoto wephuka umhlathi. Lokhu kuchaza ukuthi lo mdlali ngeke alithinte ibhola izinyanga ezintathu.

Abanye abadlali beChiefs abalimele uTebogo Postane, othinteke inyonga kanti kuzoba amasonto amabili engekho. UDillan Solomons ulimele ihlombe kanti uzohlala amasonto ayisishiyagalolunye engekho. UGeorge Matlou ulimele edolweni, kulindeleke abuye ngo-Okthoba.

IChiefs izoqhubeka nokudlala imidlalo yobungani namaqembu aseTurkey bese ibuyela eNingizimu Afrika ngesonto elizayo. Izobe seyibhekana neYoung Africans, yaseTanzania, emdlalweni weToyota Cup, eBloemfontein, ngoJulayi 28.