EzakamuvaiDStv Premiership

Ubeseninga ukuyeka ibhola obehlala ebhentshini kwiSundowns

Obengumgadli weMamelodi Sundowns, uThabiso Kutumela, uthi ubesephelelwa uthando lwebhola ngesikhathi ekuleli qembu ngenxa yokungalitholi ithuba lokudlala.

UKutumela, osanda kujoyina iRichards Bay FC, ubekubadlali abadedelwe yiSundowns emasontweni edlule. Kubona kukhona uBongani Zungu, uBrian Onyango, uGaston Sirino naye uKutumela. Omunye umdlali oshiye Abafana Ba’Style uJunior Mendieta, wase-Argentina, oseyodlala eGreece.

“Uyazi ukuthi kungani bengifuna ukusuka kwiSundowns. Yingoba bese ngifike lapho ebese ngilahlekelwa yile nto esenhliziyweni yokudlala ibhola. Bese ngiphelelwa yintshisekelo kulona,” kusho lo mdlali kwiHollywoodbets.

“Bekuzoba nzima kimina ukuthola iqembu uma ngihleli ebhentshini amasizini amabili ngaphandle kokudlala. Ngizitshele ukuthi Ngisafuna ukudlala le nto engayiqala.

“Ngifuna ukuqeda ngiphezulu ngendlela engingakwazi ngayo. Ngithathe isinqumo esibucayi ngokubolekiswa kwiCape Town City ngoba lokho bengifuna kungisize ngomuso.”

Lo mdlali useke wayibamba kwi-Orlando Pirates phakathi kuka-2016 no-2019. Elinye iqembu ake wadlala kulona yiMaritzburg United, kanti waqala ukuzibonakalisa kwiBaroka FC.

Ufike kwiSundowns ngo-2021 kodwa ithuba lokudlala ubengalitholi kahle njengoba kukhona abadlali abafana noPeter Shalulile, ongasali esikimini uma esefomini enhle.