EzakamuvaiDStv Premiership

OweStellies ubona bengasinqoba isicoco seligi

Umdlali weStellenbosch FC, uDevin Titus, ukholwa wukuthi leli qembu laseKapa lingasiwina isicoco seDStv Premiership ngesizini ka-2024/2025.

IStellies iqede endaweni yesithathu ngesizini edlule, nokuchaza ukuthi izodlala kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo. Leli qembu lingelinye lalawo abezama ukulandela isithunzi seSundowns, ebe ngompetha beligi okwesikhombisa kulandelana, kodwa ligcine lisele kude ngamaphuzu kuBafana Ba’Style.

IStellenbosch igcine ihlanganise amaphuzu angu-50, alinganayo nawe-Orlando Pirates eqede endaweni yesibili. Nokho womabili amaqembu abengasondele nakancane kwiSundowns eqede inangu-73.

“Kumele sikholelwe kithina uqobo, siphinde sethembane ukunqoba iligi,” kusho uTitus kwiSowetan.

“Ngicabanga ukuthi wonke amaqembu afuna ukunqoba iligi. Nakanjani iSundowns izobe ibhekiwe futhi ngenxa yamagalelo ayo kodwa ibhola ngesinye isikhathi livuna amaqembu abengabhekiwe.

“Ngiyethemba singayinqoba iligi kule sizini. Ngiyakholelwa kubadlali abahle esinabo ukuthi bangasisiza ukuthi senze lokho.”

Ngaphansi komqeqeshi uSteve Barker iStellies inqobe iCarling Knockout Cup ngesizini edlule. Ekupheleni kwesizini uTitus uthole umklomelo iCarling Player of the Tournament.

“Ukunqoba iCarling Knockout njengeqembu kunginike ithuba lokunqoba umklomelo iPlayer of the Tournament. Kube yinto enkulu kimina ukunqoba lo mklomelo kodwa into ebe nkulu kakhulu ukunqoba indebe neqembu. Angiyena umuntu othanda imiklomelo etholwa ngawedwana,” kuphetha uTitus.