UKhenyeza udunguza oswini ngozoqeqesha i-Arrows
SIHLE NGUBO
UMabhuti Khenyeza weLamontville Golden Arrows, uthi naye akazi ukuthi yimuphi umqeqeshi ozohola iqembu njengoba kuzoqala isizini entsha yeDStv Premiership.
Usho lokhu ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azobhekana kwiKwaZulu-Natal Premier’s Cup ka-2024, eThekwini ngoLwesibili. Imidlalo yalo nyaka yePremier’s Cup izodlalelwa ePrince Mangosuthu Regional Stadium, Olundi, ngoJulayi 27 kuya kuJulayi 28.
I-Arrows izovula le midlalo ngokubhekana naMaZulu FC, ngoMgqibelo (Julayi 27) ngo-11 ekuseni. Ngemuva kwalokho kuzotholana phezulu iRoyal AM neMilford FC ngo-2 ntambama.
Ngakusasa ngeSonto (Julayi 28) kuzotholana phezulu iRichards Bay FC neMaritzburg United ngo-9 ekuseni. Kuzobe sekulandela umdlalo lapho ozobe enqobe phakathi kwe-Arrows noSuthu, ezobhekana nozonqoba phakathi kweRoyal AM neMilford, ukuze kuphume iqembu elizodlala kowamanqamu.
UKhenyeza uthe bamatasa namalungiselelo esizini entsha futhi bakhona nabadlali abasha, kodwa ayikacaci eyomqeqeshi.
“Wonke umuntu ukulungele ukudlala…bonke abadlali bakhona siyofaka iqembu lethu eliqinile elikhona,” kusho uKhenyeza.
Ebuzwa ukuthi ubani ozohola iqembu ngesizini ezayo uKhenyeza uthe: “Angazi kodwa okwamanje yimina engikhona…
“Ngicabanga ukuthi abadlali bethu bakhulile. Bona balapha ukuzodlala, izinqumo ezenzeka le phezulu akuzona ezabo, ukuthi nje bona babe semsebenzi badlale.”
I-Arrows ishiywe uSteve Komphela obengumqeqeshi ngeSonto eledlule, wabuyela kwiMamelodi Sundowns. Bese kungokwesibili lo mqeqeshi elaxaza Abafana Bes’thende ngoba efunwa eChloorkop.
“Kuningi engikufundile kuSteve… ngiyabonga eqenjini ukuthi liphinde limlethe lapha kithina. Unamava, uvulelekile futhi uhlale ecobelelana ngolwazi,” kuphetha uKhenyeza.