URulani uveza izinkinga abhekene nazo kwi-Wydad
Umqeqeshi weWydad Athletic Club, uRulani Mokwena, ubalisa ngesimo abhekene naso njengoba ezama ukuhlanganisa izinto kuleli qembu laseMorocco, ngaphambi kokuthi kuqale isizini entsha.
Lo mqeqeshi, osanda kushiya iMamelodi Sundowns, uzama ukuba nethimba labaqeqeshi azosebenzisana nalo kodwa akukahlangani ngendlela afisa ngayo.
Nakanjani kulindeleke ukuthi uMokwena asebenze nabantu abaziyo naseke wasebenza nabo. Nokho kuvela ukuthi abakavumi bonke.
“Asikaqedi konke. Kunzima ngoba ngemukele umsebenzi lapho wonke umuntu ebethi, ‘uyaphi lapho?’ Iqembu liyinhlakanhlaka izinto zibheke phansi,” kusho uMokwena.
“Konke akuhambi kahle, obengumengameli usejele, ababakhokheli abadlali. Kodwa yini ezongilahlekela? Lutho nhlobo.”
Njengamanje iWydad ayikwazi nokusayinisa abadlali abasha ngenxa yokudingiswa yiFifa. Konke lokhu kushiya imibuzo ngesinqumo sikaMokwena sokuya kwi-Wydad.
“Uma uzama ukukhuluma nabanye abantu kuba nzima ngoba ngeke ulethe umuntu nje kanjalo. Ufuna ukuletha abantu abazosebenza, abangayesabi inselelo. Ngakho kunzima ukunxenxa abantu ukuthi basijoyine,” kubalisa lo mqeqeshi.
“UMichael Lotfman omunye wabantu ebengibafuna lapha, kodwa unesiqiniseko sokuthi ufuna ukuthatha ikhefu. Sasixoxile ukuthi sizothatha ikhefu kodwa kwakungaphambi kokuthi iWydad ifike izokhuluma nami ngomsebenzi.
“Kodwa manje nginqume ukuwuthatha umsebenzi, umqeqeshi uThemba Badela unqume ukungijoyina. Angazi ukuthi ithimba labaqeqeshi lizobukeka kanjani kodwa ngicabanga ukuthi umqeqeshi uMichael uzosijoyina ngokuhamba kwesikhathi. Udinga isikhathi sokuphumula abuyise amandla.”