Ukaputeni weBucs kulindeleke athi khumu ebholeni maduze
SIHLE NGUBO
U-Innocent Maela usebe ngukaputeni we-Orlando Pirates kusukela ngoJulayi ka-2022 kodwa ubebuye azithole esebhentshini isikhathi esiningi, ngoba kukhulu ukuncintisana kwiBucs.
Lo mdlali kuvela ukuthi uzowathatha awajibe le emgibeni amakhokho akhe, futhi iqembu selivele limnike umsebenzi azowenza kulona.
Eminyakeni engu-32 uMaela kumele ngabe usadlala futhi usengomunye wabadlali bePirates abavuthiwe, kodwa isimo asimvumeli ikakhulukazi kule sizini esongwayo.
Indawo edlalwa uMaela, emuva kwesokunxele, kukhonya kuyona uDeon Hotto odlala ibhola elihle uma eya phambili noma evimba emuva.
Noma engekho uHotto ubebuye angangeni uMaela, kunalokho kufakwe uPaseka Mako noma uYanga Madiba muva nje.
Ekuqaleni kukaMeyi isabalele eyokuthi uMaela uzothi khumu ebholeni uma kuphela isizini, futhi naye lo mdlali akaphikanga ngesikhathi ebuzwa.
“Ngeke udlale unomphelo. Uma unethuba uMdali ekunika ithuba lokugqugquzela labo abakulandelayo, kumele ulibambe ngazo zombili,” kusho uMaela ekuqaleni kukaMeyi.
“Kodwa futhi ngicabanga ukuthi kumele ukuthole ngaphakathi kuwena ukwamukela lokho….
“Ngibona ukuthi ngibe nenhlanhla enkulu ngoba njengoba ngisho ngeke udlale ibhola unomphelo. Ngicabanga ukuthi ngenze kahle eqenjini.
“Isizini ayikapheli okwamanje. Uma isikhathi sesikahle iqembu lizokhipha isitatimende nami ngikhiphe esami bese sibone ukuthi kwenzekani.
“Kodwa ngiyakujabulela ukuba kulesi simo sokukwazi ukugqugquzela labo abeza ngemuva kwethu.”
Yize uMaela engadlalanga ibhola elingaqhathaniswa nelikamnewabo, uTsepo Masilela, oke wagijima phesheya nakwiKaizer Chiefs, kodwa kumele ukuthi uyaziqhenya ngokuthi ube ngukaputeni weqembu elikhulu njengePirates.
Njengamanje ibhande likakaputeni kwiBucs ligqokwa uNkosinathi Sibisi odlala njalo aphinde abizwe eqenjini lesizwe iBafana Bafana.
NgoMgqibelo iPirates izovakashela AmaZulu FC emdlalweni weBetway Premiership, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngo-3 ntambama.
Akwaziwa noma uMaela uzolinikwa yini ithuba lokudlala njengoba sekuyimidlalo yokugcina yesizini.
IBucs izosonga isizini ngokubhekana neMagesi FC kowePremiership ngoMeyi 28.

