EzakamuvaiDStv Premiership

ISundowns seyethule ngokusemthethweni uFohloza owaxoshwa Usuthu

IMamelodi Sundowns seyemukele ngokusemthethweni umqeqeshi uRomain “Fohloza” Folz, owake wacija AmaZulu FC neMarumo Gallants.

Lo mqeqeshi uzoba yiphini lomqeqeshi kwiSundowns kanti uzojoyina uManqoba Mngqithi, uSteve Komphela, uWendell Robinson noKennedy Mweene ethimbeni labaqeqeshi. UFolz ufika kwiSundowns evela kwiHigh-Performance Department yeFifa lapho ebesebenza khona kwinkulisa.

Lo mqeqeshi une-UEFA Pro License kanti useke wasebenza eNingizimu Afrika eGuinea, eBotswana, naseGhana. Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe yileli qembu abadlali nabaqeqeshi beSundowns bamemukele ngezandla ezimhliphe uFolz ekhempini yeqembu ese-Austria.

Iqembu lizoqhubeka nokudlala imidlalo yobungani ukulungiselela isizini entsha. Imidlalo yePremieship akukaziwa ukuthi izoqala nini njengoba kuvela ukuthi kuzohlukana inhloko nesixhanti phakathi kweMultichoice nePremier Soccer League (PSL).

Abaxhasi okubhekwe ukuthi bathathe izintambo yiBetway nokuchaza ukuthi sekuzoba yiBetway Premiership. Le nkampani yokugembula kuthiwa yethule i-Hollywoodbets nayo okuthiwa ibizama ukuba abaxhasi bePSL.