Umdlali uveza okumenze wachizela iChiefs, wakhetha iDowns
Umdlali omusha weMamelodi Sundowns, uKobamelo Kodisang uchaza ngokumenze wakhetha leli qembu elingompetha beDStv Premiership.
Lo mdlali, oneminyaka engu-24, ubegijima kwiMoreirense, yasePortugal ngaphambi kokuthi ajoyine Abafana Ba’Style. Kuyavela ukuthi iKaizer Chiefs ibimfuna kodwa yatshelwa ukuthi usafuna ukuqhubeka nokudlala phesheya.
UKodisang ukhulele kwinkulisa yePlatinum Stars. Uke wathi qu kwiBidvest Wits ngaphambi kokuya phesheya. Womabili la maqembu awesekho kwiPremiership.
“Ngithathe isinqumo sokuya kwiSundowns nomphathi wezindaba zami, futhi sivumelene ngokuthi yikhona lapho kumele ngibe khona,” kusho uKodisang.
“Bengilibuka ibhola ngakho ngiyasithanda kakhulu isitayela sabo sebhola. ISundowns yiqembu elikhulu futhi yilona qembu ebengifuna ukulidlalela lapha ekhaya. Ngizozinikela ngakho konke okusemandleni ami bese ngibone ukuthi lokho kungibeka kuphi.”
UKodisang kuzomele abhukule impela kwiSundowns ngoba ukuncintisana kukhululu kakhulu. Leli qembu laseChloorkop lisanda kushintsha ithimba labaqeqeshi kulandela ukuhlukana noRulani Mokwena, oseqeqesha iWydad Athletic Club yaseMorocco.
ISundowns ilande uSteve Komphela, obesecija iLamontville Golden Arrows, noRomain Falz oke wacija AmaZulu FC neMarumo Gallants. Kuzocaca uma sekuqala isizini ukuthi uKomphela noFolz bazosebenzisana kanjani noManqoba Mngqithi okubukeka kunguyena inhloko yabaqeqeshi.