UNxakanxaka usephinde wahlangana nojoki azwana naye
ALFRED NGUBANE
Ngemuva kokwehlukana nojoki walo ebeselimjwayele, ihhashi lomjaho wasemakhaya, uNxakanxaka, seliphinde lathola omunye elizwanayo naye.
Leli hhashi yilo elidle umhlanganiso kwiSummer Cup eMakhuzeni ngempelasonto edlule.
Ngokuthola kweMpempe, yize belenza kahle alikwazanga ukungenisa imali ngendlela elijwayele ngayo njengoba belihluleka ukunqoba imijaho.
Kuvela ukuthi ngonyaka odlule uNxakanxaka wenze imali elinganiselwa kuR80 0000.
Kodwa kulokhu alisondelanga kwakusondela kule mali yize selibuyile ithemba lokuthi izinsuku zenjabulo ziyabuya kubaphathi bakhe uNxakanxaka lo.
Lokhu bekwenziwa wukuthi leli hhashi lashiywa ujoki walo uDoctor Mbatha, lahluleka ukuvikela iDundee July.
Kulo mjaho waseDundee laphazanyiswa uTrouble Maker okunguye owagcina edle lo mjaho, uNxakanxaka wagcina engangenanga nakwamathathu aphambili.
Kodwa manje njengoba seligitshelwa ujoki omusha selibuyele emgqigqweni walo futhi kukhomba ukuthi lisazoqhubeka nokudla ezinye izicoco.
Bewumuhle ke nomcimbi waseMakhuzeni njengoba nengqephu beyidida unwabu kanti namaciko endawo abekhona ezonandisa.
FUNDA NALA: URiveiro akayiboni le nkinga yamagoli esolwa kwiBucs
Nesimo sezulu kube ngathi siyabona ukuthi umcimbi omkhulu nobalulekile kule ndawo, saziphatha kahle yize belibuye lidume, lidedele nemuva kancane.

