EzakamuvaIbhola

Ngabe uRamovic uzophinde asebenze kwiligi eyodwa noSunshine?

Ngokwemibiko yakamuva umqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic, useqokwe njengomqeqeshi omusha weRaja Casablanca, yaseMorocco.

Kuvela ukuthi lo mqeqeshi uzolibangisa eMorocco ngoLwesithathu lapho eyosayina khona inkontileka yeminyaka emibili. Uma lezi zindaba ziyiqiniso kuzosho ukuthi uRamovic uzophinde asebenze kwiligi eyodwa noRulani Mokwena, osanda kushiya kwiMamelodi Sundowns.

UMokwena usezoqeqesha iWydad Athletic Club, yaseMorocco, ngesizini ezayo. Uselande u-Allen Freeze, ake wasebenza naye kwiPlatinum Stars, ukuthi azoba ngelinye lamaphini akhe.

URamovic noMokwena bebehlale behlokolozana kwiDStv Premiership. Lo mqeqeshi waseGermany ubiza uMokwena ngoSunshine uma esemchukuluza ekhuluma nabezindaba.

Ukuhamba kukaMokwena bese kuchaza ukuthi kuphelile ngokuthi kubhalwe ngokuchukuluzana kwalaba baqeqeshi bobabili. Akwaziwa ukuthi lokhu kuzoyishaya kangakanani iRockets abeseyakhile uRamovic.

Ngabe uRamovic uzogcina esayine kwiRaja Casablanca anginde athole ithuba lokuchukuluzana noSunshine wakhe?