IBetway Premiership

‘Ngayiswa yimali kwi-Downs,’ kusho owalaxaza iChiefs

UGeorge Maluleka, owalaxaza iKaizer Chiefs kungalindele muntu, useveze ukuthi yini eyamusa kwiMamelodi Sundowns.

Lo mdlali akafunwa nalapho ehambe khona abalandeli beChiefs, abakholwa wukuthi ‘wathengwa’ yiSundowns ukuze iChiefs ingasinqobi isicoco seligi ngesizini ka-2020/2021. Ngesikhathi ehamba iChiefs yayiqhwakele kwilogi kodwa yagcina ingasinqobanga isicoco esagcina sihambe neSundowns.

UMaluleka akadlalanga imidlalo eminingi kwiSundowns egcine imchithile waya kuMaZulu FC. Nakhona izinto azibange zisahamba kahle. Ekupheleni kwesizini edlule AmaZulu amchithile uMaluleka, kanti bekungakezwakali ukuthi kukhona iqembu aselitholile.

“Ngangizijabulela izinsuku zami zokudlala kwiKaizer Chiefs. Kodwa injabulo nokuthembeka akukukhokheli izikweletu, futhi umsebenzi wokudlala ibhola mfushane kakhulu,” kusho uMaluleka.

“Isizathu esenza ngishiye iChiefs ngiye kwiSundowns, ukuthi babengithembisa inkontileka eyayiconsisa amathe. Umholo wami wawuzophindwa kathathu kulokho engangikuthola kwiChiefs.

“Engakuthenjiswa yiSundowns kwakukuhle kakhulu kuthi ngangingakuziba, kubalwa namabhonasi uma ninqobile. ISundowns yayingikhokhela kancono kuneChiefs yikho nje ngayijoyina.”

 Omunye umdlali ozondwa abalandeli ngokuya kwiSundowns, u-Oupa Manyisa owashiya i-Orlando Pirates. Naye lo mdlali ugcine ephelele emoyeni ngemuva kokuchithwa yiSundowns.

UMaluleka uthe uyohlale eyihlonipha iChiefs futhi wakujabulela ukuba kuyona.

“IChiefs iyohlale isenhliziyweni yami futhi kwakuyinto enkulu kimina ukudlalela iqembu elikhulu kunawo wonke eNingizimu Afrika,” kuphetha lo mdlali.