IBetway Premiership

UMsimango uzizwa ezelwe kabusha kwiChiefs 

SIHLE NGUBO 

Ukulimala kukaRushwin Dortley kwiKaizer Chiefs kuphoqe ukuthi kudlaliswe uGiven Msimango emuva maphakathi emidlalweni edlule.

UMsimango ubesizwa ngendaba isikimu selokhu kuqale isizini, njengoba bekudlala uDortley ofike evela kwiCape Town Spurs.

Nokho kule midlalo asayidlalile uMsimango ukhombisa ukuvuthwa okukhulu futhi ubonakala egwema ukwenza amaphutha, okuyinto eke yamhlasela phambilini.

Lo mdlali, obeyibamba kwiTS Galaxy ngaphambi kokujoyina iChiefs, uthi uzizwa ezelwe kabusha futhi uyawubona umphumela wokuzikhandla kwakhe.

“Ngokwami ngibona kuhamba kahle. Bengilokhu ngisebenza kanzima enkundleni nangaphandle kwayo,” kusho uMsimango.

“Ngiyaziqhenya ngendlela engidlala ngayo eqenjini. Kumayelana nokulokhu uba ngcono njengomdlali nokugcina umgqigqo.

“Ngikholwa ukuthi ukugxila kulokhu engikwenzayo sekuyaqala ukubonakala eqenjini. Ngifuna ukuqhubeka nalo mgqigqo.”

IChiefs idlale ibhola elingcono ngesikhathi ishaya iMamelodi Sundowns ngo 2-1 emdlalweni owandulela owamanqamu weNedbank Cup ngeSonto.

Amakhosi azobheka ukuqhubeka nalo mgqigqo uma esebhekene neChippa United emdlalweni weBetway Premiership, eNelson Mandela Bay Stadium, ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.

“IChippa iyiqembu elidlala kahle nelihlelekile. Sidlalile nayo kwiligi sanqoba. Sadlala nabo kowomkhumulajezi saphinde saphumelela,” kuqhuba uMsimango.

“Nokho lokho akusho ukuthi kumele sibathathe kancane futhi singabeki imiqondo emdlalweni. Siphinde sazama ukubafunda, ngakho siwulungele umdlalo.”