URamovic uveza okumenze wangasayi kwiRaja Casablanca
Umqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic, uveza ukuthi kungani egcine engayanga kwiRaja Casablanca, yaseMorocco.
Lo mqeqeshi bekulindeleke ukuthi asayine inkontileka yeminyaka emibili naleli qembu ngoLwesithathu. Nokho akusenzekanga lokho futhi usezohlala kwiRockets.
URulani Mokwena usanda kujoyina iWydad Athletic Club yaseMorocco. Bekubukeka sengathi laba baqeqeshi, abahlale bechukuluzana, bazosebenza kwiligi eyodwa futhi.
“Akukho okwenzekayo. Kuze kube yimanje akukho osekwenzekile. Asizange sivumelane. Asifinyelelanga esivumelwaneni,” kusho uRamovic kwiFARPost.
“Engingakusho nje ukuthi nginemigomo yami, futhi ngiyazihlonipha mina uqobo. Kuze kube izinto zisobala etafuleni lezo engikholwa ukuthi kumele ngizikhonjiswe, bese ngibone ukuthi kukhona ukungahlonipheki, angisoze nginyakaze nakancane.”
Mhlawumbe ukunganyakazi kwalo mqeqeshi kuzoyisiza iGalaxy, ingalokhu ithungatha umqeqeshi omusha. Ngaphansi kukaRamovic iRockets iqede kwiTop 8 kwilogi yeDStv Premiership, okokuqala emlandweni wayo.