ISharks ihlome ngabanamava kwiCarling Currie Cup
SIHLE NGUBO
IHollywoodbets Sharks XV izovula iCarling Currie Cup, okungungumqhudelwano omdala kunayo yonke ebholeni lombhoxo eNingizimu Afrika, ngokubhekana ne-Airlink Pumas, eMbombela Stadium, eNelspruit, eMpumalanga, ngoLwesihlanu, ngo-5 ntambama.
Umqeqeshi weSharks XV, uMike Vowles, uphethe iqembu eliqinile elizodlala lo mdlalo wokuvula.
Kuleli qembu kuthakwe abadlali abanamava nalabo abasebancane, njengoba ebheke ukuqala umqhudelwano ngesikwati esizomelana nenselelo yawo, wakhetha uThomas Dyer, uzogqoka unombolo 8, ukuthi abahole.
“Sengeze abanamava esikwatini seCarling Currie Cup nonyaka,” kusho uVowles.
“Sibukisise kahle isimo safaka labo esasibashiyile ukuze benze umehluko, ekuholeni, ukuthola ithuba lokudlala namava.
“UJohan Momsen ubedlala e-America futhi unamava okudlala kwiNPC eNew Zealand.
“Sibe sesifaka uTim Swiel ngoba sikholwa ukuthi angeza nokuhleleka kwi-flyhalf.
“Laba abadlali abajabulisa kakhulu asebeke badlala kwiCurrie Cup, kanti banawo namava okudlala ezingeni leVodacom United Rugby Championship.
“Kukhona nabadlali abasebancane abafisa ukuzibonakalisa, benze okubonakalayo kulo mqhudelwano.”
Imi kanje iHollywoodbets Sharks XV:
1. Cameron Dawson
2. Kerron van Vuuren
3. Simphiwe Ngobese
4. Johan Momsen
5. Deon Slabbert
6. Willem van den Hever
7. Jannes Potgieter
8. Thomas Dyer (ukaputeni)
9. Ross Braude
10. Tim Swiel
11. Lyle Matthews
12. Janco Purchase
13. Marnus Potgieter
14. Christie Grobbelaar
15. Chijindu Okonta
Ebhentshini:
16. Jacques Marais
17. Jaco du Toit
18. Lee-Marvin Mazibuko
19. Sipho Nonyalela
20. Hanu Pieterse
21. Ceano Everson
22. Chris Horak
23. Matthew Fortuin
24. Dian Heunis
25. Zack Meyer
26. Meno Barnard

