Wesese ngokwedlulele umdlali owethulwe wuSuthu
PHILI HLONGWANE
Uzwakalise ukujabula kakhulu uSenzo “Mbhobho” Ndlovu ngokuba yingxenye yeqembu eligijima kwiBetway Premiership, AmaZulu FC.
UNdlovu wethulwe ngokusemthethweni njengomdlali woSuthu ehambisana noBoniface Haba, uLuvuyo Phewa, u-Etiosa Ighadaro noKwanda Mngonyama. Kulesi sithangami nabezindaba AmaZulu aphinde ethula abaxhasi bawo abasha Amandla Mobile.
Lo mdlali (uNdlovu) useke wakuzwa ukuthi kunjani ukugqoka ijezi loSuthu. Udlalile ngesikhathi Usuthu luyibambe kwiKZN Premier’s Cup, Olundi, ngempelasonto.
“Ngijabule kakhulu futhi ngiyabonga kakhulu ngaleli thuba engilitholile. Kusho lukhulu kimina, kuchaza kona ukuthi amaphupho ayafezeka. Kubalulekile ukuthi ubekezele ngesinye isikhathi,” kusho uNdlovu.
Lo mdlali onamahloni ube esegqugquzela abanye abadlali abasakhula ukuthi bangadikibali ngoba ekugcineni bazophumelela.
“Abaqhubeke basebenze (abadlali abasebancane). Umuntu akashaye umsebenzi, uma ubekezela wenza umsebenzi wakho konke kuyenzeka.
“Ngajabula kakhulu ngithintwa AmaZulu. Yinto sonke esiyifisayo njengoba sidlala ibhola ukuthi ngelinye ilanga udlalele iqembu elikhulu. Kwangithokozisa kakhulu ukuthola ucingo luvela kuMaZulu.”
UNdlovu uzothola ithuba lokudlala okokuqala ezingeni eliphezulu uma AmaZulu esetholana phezulu nePolokwane City emdlalweni wokuvula weBetway Premiership.