EzakamuvaIbhola

Kambe iWest Ham ingayigila yini iCity, ixove umcimbi

I-West Ham iphethe ukhiye wokuvula lapho kuthukuswe khona indebe ye-English Premier League (EPL), esongwayo ngeSonto ntambama e-England.

Leli qembu lizotholana phezulu neManchester City emdlalweni wokugcina we-EPL ngo-5 ntambama. Yonke imidlalo ye-EPL izoqala ngo-5 njengoba kusongwa isizini.

ICityzens, enamaphuzu angu-88 esicongweni, idinga ukunqoba lo mdlalo ukuze ibe ompetha beligi okwesine kulandelana.

Ukuhlulwa yiHammers noma ukudlala ngokulingana nayo, kungavulela i-Arsenal intuba yokuba ngompetha beligi, okuyinto abaningi abayibona ingeke yenzeke.

IGunners izodlala ne-Everton emdlalweni wayo wokugcina weligi. Kumele iwunqobe lo mdlalo bese ithembe ukuthi iWest Ham ayivumi ukushaywa yiCityzens.

Njengamanje i-Arsenal inamaphuzu angu-86 okuchaza kona ukuthi akusekho ezandleni zayo ukunqoba isicoco kodwa seyincike ekutheni iHammers ingashaywa yiMan City.

I-Arsenal kungayiphatha kabuhlungu kakhulu ukungasinqobi isicoco seligi njengoba ibizihola phambili isikhathi esiningi sesizini.

Nokho kubukeka kungekho okungavimba iMan City ukuthi ibhaxabule i-West Ham bese ikhale yemuke naso isicoco.

OkweGunners sekuyoba ukunqoba owayo umdlalo ne-Everton, bese ithandazele ukuthi iHammers yenze imilingo engabhekiwe kuyona uma isitholene phezulu neMan City.