EzakamuvaIBetway Premiership

Siveza okuxoshise uKanu kwiNatal Rich Boyz

SIHLE NGUBO

‘UJomo Biyela akafuni ukuphathwa.’

Usho kanjalo umthombo weMpempe othembekile ngesikhathi uchaza ukuthi kungani iRichards Bay FC ixoshe umqeqeshi uVusumuzi “Kanu” Vilakazi.

Kumangazile ukuthi uVilakazi usechithiwe eqenjini ingakaqali isizini entsha yeBetway Premiership. Lo mqeqeshi usize leli qembu laseMhlathuze ukuthi livike izembe ngokunqoba imidlalo yokuhlunga.

UVilakazi ufike kungahambi kahle kwiNatal Rich Boyz kodwa iqembu lagcina lihlalile kwiPremiership, yize liqede endaweni ka-15 kwilogi ngesizini edlule. Ngemuva kokunqoba eyokuhlunga uBiyela uthe ngeke amshintshe umqeqeshi ngoba asikho isidingo salokho.

“IRichards Bay seyimxoshile umqeqeshi. UKanu akasekho uhambile njengoba ngikhuluma nje, isasehhovisi kuphela ke,” kuqhuba umthombo weMpempe.

IBay ibisanda kukhipha isitatimende ichaza ukuthi kungani uVilakazi ebengekho ngesikhathi kunesithangami nabezindaba emasontweni edlule. Ikuphikile ukuthi kukhona inkinga ebikhona, yathi lo mqeqeshi ubeyoqhuba izifundo zokuqeqesha eGoli.

Nokho kubukeka sengathi inkinga ibisivele ikhona njengoba sekuhlukane inhloko nesixhanti kwiNatal Rich Boyz noVilakazi, oke wayibamba kwiLamontville Golden Arrows.