‘Ngeke ngiphatheke kabi uma (uMabasa) ejoyina iChiefs,’ kusho owayedlala kwiBucs
INTATHELI YEMPEMPE
Akayiboni inkinga ekutheni uTshegofatso Mabasa ajoyine iKaizer Chiefs, owayedlalela i-Orlando Pirates eminyakeni edlule, uLebohang “Cheeseboy” Mokoena.
Njengamanje into esematheni ukuthi uzothatha siphi isinqumo uMabasa, njengoba ewukudla kwebhentshi kweZimnyama, selokhu kuqale isizini ka-2025/2026.
Ngaphansi komqeqeshi wePirates, u-Abdeslam Ouaddou, uMabasa uzithola ebuka ekude yize engangatshazwa amagalelo akhe, nokukwazi ukubeka ibhola enethini.
UMokoena, owayeyibamba kwiBucs, uzwakala engasenalo ithemba lokuthi uMabasa angahlala kuleli qembu, futhi uyamkhulula ukuthi asayine eqenjini azodlala kulona.
“Bengilokhu ngifunga ukuthi uzowelela kwiChiefs. Kodwa uyazi ukusuka kwiPirates uye kwiChiefs ngeke kube yinto enganakwa,” kusho uMokoena kwiSoccerBeat.
“Nokho uma ubheka iqembu elifana neSundowns, ngicabanga ukuthi banethuba elingcono ngenxa yokuthi banenkece.”
KwiPirates kugiya uYanela Mbuthuma no-Evidence Makgopa phambili. Kukhona noBoitumelo Radiopane, osanda kwelulama ekulimaleni, noSifiso Luthuli.
Ngaphezu kwalokho iPirates kulindeleke ukuthi imemezele u-Andre de Jong, weStellenbosch FC, okuvela ukuthi seyiqede konke naye.
“Ngicabanga ukuthi uma iSundowns ibeka okungcono etafuleni, nakanjani uzothatha lokho akunikwa iyona (iSundowns),” kuqhuba uMokoena owake wayidlalela iSundowns.
“Khumbula futhi sibheka iminyaka kaMabasa. Naye ufuna ukubeka isinkwa etafuleni, athi khumu enawo amasenti enele.”
“Angicabangi ukuthi angathatha lokhu akuthola kwiPirates uma eya kwiChiefs.
“Kodwa ngeke ngiphatheke kabi uma ejoyina iChiefs. Buka isimo sakhe, usale eqenjini lesizwe iBafana Bafana eliye kwi-AFCON, ngoba ubengadlali.
“Ungumuntu obelokhu eshaya amagoli okuyinto esinenkinga yayo ezweni lethu.
“Uma ubuka isikwati seBafana, asinabo kahle abagadli, mhlawumbe bathathu noma bane.
“Uma izinto zingahambi kahle sidinga umdlali onjengoMabasa, onamagoli kuyena.
“Lokhu kwenzeka ngesikhathi lapho umfana ezophuthelwa yi-AFCON futhi edinga ukuthatha isinqumo mayelana nokuthi uzoya kuphi, nokuthi kuzokwenzekani.”
Uma engagcina eya kwiChiefs uMabasa, angabe ejoyina uPaseka Mako noThabiso Monyane, abashiye iBucs baya kuMakhosi ekuqaleni kwesizini.

