Umdlali ubona uMofokeng engayinqobisa iBucs eseligi
Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uMakhehleni Makhaula, uthi umdlali osemncane uRelebohile Mofokeng angaba ukaputeni weqembu, abasize banqobe isicoco seligi.
UMofokeng uthole umklomelo iDStv Premiership Young Player of Season neNedbank Promising Player of the Season ngesikhathi kuklonyeliswa abadlali emcimbini wePremier Soccer League, ekupheleni kwesizini edlule.
Lo mdlali, oneminyaka engu-19 nje kuphela, ube nesizini enhle nePirates, wayisiza yanqoba iMTN 8 Nedbank Cup.
“Ngesikhathi uRele efika kwiPirates kwakukhona u[Thembinkosi] Lorch kodwa uyazibonela ukuthi angalithwala leli qembu,” kusho uMakhaula kwiSoccer Laduma.
“Angaba ukaputeni asinqobise isicoco seligi. Ngoba uma izinto zingahambi kahle ubheka uRele uthi ‘kwenzekani’. Uzobe esekutshela ukuthi ‘bhuti omdala beka umoya phansi yonke into izolunga.’ Lapho usuke wazi ukuthi konke kuzophetha kahle.
“Ngicabanga ukuthi lena kuzoba yisizini enkulu kuyena ngoba ekupheleni kwesizini edlule base bevele bemhlelela. Ngibona kuzoba yisizini enzima ngoba wonke umuntu uzogxila kuyena.
“Yikho ngithi abadlali abasebancane bazothola ingcindezi kuRele. Kuzoba nzima kodwa ungumfana onenhliziyo enkulu futhi ngiyazi ukuthi uma esenkundleni wenza imilingo.”