EzakamuvaIbhola

UMike Makaab uchaza okuyekise ibhola owaduma kuMaZulu

SIHLE NGUBO

Umphathi wezindaba zikaMarc van Heerden ongimnini weProsport International, uMike Makaab, uchaza okwenze lo mdlali wawagaxa emgibeni amakhokho akhe.

Lo mdlali, ogqame kakhulu kuMaZulu FC useneminyaka engu-36. Nokho ngokusho kukaMakaab uVan Heerden akayekiswanga ibhola ukukhula kodwa unezinhloso ezijulile.

“Sibe nengxoxo ende noMarc mayelana nekusasa lakhe. Ufuna ukungena ekuqeqesheni ngakho bekumele athathe isinqumo,” kusho uMakaao.

“Ngimtshelile ukuthi into yokuqeqesha kumele uyenze ngenhliziyo yakho yonke. Ngakho bekubalulekile uma ezimisele ayeke ibhola bese agxile kulolu hambo lokuqeqesha.

“UMarc ube nesizini enhle neCape Town City futhi ubengasayidlala enye isizini. Ungumdlali obeziqoqile futhi enza yonke into ngendlela eqondile. Yebo uma ukhula kuba khona ushintsho nokulimala kodwa isizathu esenze wayeka ibhola ukuthi ufuna ukungena ekuqeqesheni.”

UVan Heerden uqale ukudlala ibhola kwi-University of Pretoria. Ngo-2008 ujoyine AmaZulu lapho ehlale khona isikhathi eside. Usuke lapho wajoyina iChippa United.

Ngo-2017 ujoyine i-Orlando Pirates kanti ngemuva kwalokho uye kwiStellenbosch FC. Ugaxe amakhokho emgibeni esedlalela iCape Town City.