Ukushaywa kwe-Al Ahly kucindeze iBucs kwiChamps League
SIHLE NGUBO
Ukushaywa kwe-Al Ahly yase-Egypt ngo 1-0 yiCR Belouizdad yase-Algeria, emdlalweni weCaf Champions League, kufake ingcindezi kwi-Orlando Pirates ngaphambi komdlalo wayo kuGroup C ngoMgqibelo.
Bekubukeka sengathi lo mdlalo uzophela ngo 0-0 ngoLwesihlanu e-Algeria kodwa iCR Belouizdad yashaya igoli ngomzuzu ka-90+6, yakhala yemuka namaphuzu amathathu.
Lokhu kushintshe izinto kakhulu kwilogi kaGroup C. I-Al Ahly isazihola phambili ngamaphuzu ayisikhombisa kanti iCR Belouizdad isendaweni yesibili ngamaphuzu ayisithupha.
IBucs izobhekana neStade d’Abidjan, yase-Ivory Coast, koweChampions League e-Orlando Stadium, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
EzikaJose Riveira zisendaweni yesithathu ngamaphuzu amahlanu. Njengoba kuzosala imidlalo emibili (ezowudlala neCR ekhaya ne-Al Ahly ekuhambeni) ngemuva kwalo wangoMgqibelo, iPirates kumele nakanjani ithole amaphuzu amathathu ngoMgqibelo.
Imidlalo yesithupha neyokugcina izoshuba noma kungathiwa iyanqoba iPirates ngoMgqibelo, bese inyukela endaweni yokuqala ngamaphuzu ayisishiyagalombili.
IBucs kuyomele inqobe nakanjani kwi-Al Ahly e-Egypt, ngoba ukushaywa bese iCR Belouizdad ishaye iStade D’Abidjan, kuyosho ukubuyela endaweni yesithathu uma iPirates ingayinqobanga imidlalo emibili esele yasekhaya.
Nokho okwamanje iPirates kumele ibeke imiqondo ekunqobeni umdlalo wangoMgqibelo bese ihlale esicongweni. Isiyobuye iyibone eyokushaya i-Al Ahly ekuhambeni.
Imidlalo yePirates esele kuGroup C:
v Stade D’Abidjan (Januwari 4)
v CR Belouizdad (Januwari 12)
v Al Ahly (ekuhambeni, Januwari 18)