Ibhola

Owayedlala kwi-Downs usesebenza ezimayini

Owayengumdlali weMamelodi Sundowns, uLovers Mohlala, useveze ukuthi usesebenza ezimayini.

Lo mdlali owayedlala emuva futhi edume ngokuqinisa unyawo uma emaka, ngeminyaka yabo-1990 no-2000, ukuthole kunzima ukuthola umsebenzi ozomholela njengoba esehlukene nebhola.

Umngani wakhe omkhulu umsizile ukuthi athole umsebenzi njengemenenja emayini engavezwanga. UMohlala uveze ukumangala kwakhe ngokushintsha kwezinto ngokomsebenzi, wathi akakaze azibone esebenza ezimayini kodwa uzibophezele ekondleni umndeni wakhe.

“Angikaze ngicabange ukuthi ngingasebenza ezimayini ngelinye ilanga. Ngeke ngihlale ekhaya ngingenzi lutho, njengamanje sengisebenzela izingane zami nomndeni wami,” kusho uMohlala kwiSunday World.

Ngaphezu kwalo msebenzi wasezimayinj, uMohlala uphinde adayise imfuyo eBrits nenyama eBrakpan. Ungomunye wabadlali bakudala, abafana noKatlego Mphela, asebenza imisebenzi ejwayelekile ngemuva kokuyeka ibhola.

Ezinyangeni ezedlule kuke kwavela ukuthi uMphela, owayedlalela iKaizer Chiefs neSundowns, usesebenza umsebenzi wokudayisa izimoto. Omunye owayengumdlali osenza okuhlukile kunebhola uLungisa Ndlela, owayedlalela iMoroka Swallows neSundowns, osengujele.

Bakhona nabanye abadlali abenza eminye imisebenzi ngoba akubona bonke abagcina bengabaqeqeshi ngemuva kokugaxa amakhokho emgibeni. Abanye vele basuke kade benamabhizinisi angalithinti ibhola ngesikhathi besadlala.

UMohlala, uMphela noNdlela sebeke bayidlalela iBafana Bafana ngesikhathi besashisa emaqenjini abo. Bobathathu bayidlalele besagijima kwiSundowns ngokwehlukana.