CAF Champions LeagueEzakamuva

Uyivume engenelisekile induku yeSundowns uGamondi

Uzwakalise ukungenami neze umqeqeshi weYoung Africans, uMiguel Gamondi, ngemuva kokuthi iqembu lakhe liwashiswe ijezi yiMamelodi Sundowns emdlalweni we-quarterfinal.

ISundowns idlulele kweyandulela owamanqamu weCAF Champions League ngemuva kokwehlula iYoung Africans ngo 3-2 sekukhahlelwa amaphenathi eLoftus Stadium ePitoli ngoLwesihlanu.

Nokho obekukhalisa uGamondi, owake wacija iSundowns, yigoli abancishwe lona, yize libukeke liweqile umugqa.

“Ngiphoxeke kakhulu ngonompempe. Ukushaywa kanje sibe silishayile igoli akumnandi,” kusho lo mqeqeshi ngemuva komdlalo.

“Kodwa ngingathini. Uma ngikhuluma kuzothiwa ngithe kodwa lokhu akukuhle neze ebholeni lase-Afrika.

“Ekugcineni angiyibongele iSundowns kodwa ngiphoxekile ngendlela adlalise ngayo unompempe.”

Kuphinde kwagqama ubuqhawe kukaRonwen Williams kulo mdlalo, ovimbe amaphenathi amabili.

Lo nozinti waba yiqhawe ngesikhathi iBafana Bafana idlula kwiCape Verde kwi-Africa Cup of Nations lapho avimba khona amaphenathi amane.

Umdlalo uphele ngo 0-0 emizuzwini engu-90, kanti nasemlenzeni wokuqala eTanzania kwaba ngu 0-0.

Ngomzuzu ka-60 iYoung Africans bese izitshela ukuthi ilitholile igoli elibalulekile kodwa unompempe wathi alizange liweqe umugqu.

Leli bhola bese limdlile unozinti weSundowns uWilliams, lashaya i-crossbar lase likhala ngemuva kwakhe.

UGamondi, ubukeke engasithandanga nhlobo lesi sinqumo okuthathe isikhashana sicutshungulwa. 

Nokho okucacile ukuthi unompempe akayanga ukuyobukisisa kahle kwiVAR ukuthi ibhola liweqile yini umugqa, njengoba kuyaye kwenze abanye uma bengenaso isiqiniseko.

Ukuwina kweSundowns kuchaza ukuthi izodlala kowandulela owamanqamu ne-Asec Mimosas noma i-Esperance.