Ezokusubatha

UWalaza kuthi akandize ngemuva kokunqoba igolide ePeru

SIHLE NGUBO

Akakwazi nokuchaza indlela ajabule ngayo uBayanda Walaza ophinde wagila izimanga enqoba i-100m kwi-World Under 20 Championship, eLima, ePeru, ngoLwesithathu.

Lo mgijimi, oneminyaka engu-18, usanda kubuya nendondo yesiliva kuma-Olympic kulandela ukuphuma isibili kweNingizimu Afrika kwi-4×100 Relay, eParis, eFrance. Akukapheli nenyanga njengoba esenqoba igolide ePeru.

Ebambisene no-Akani Simbine, uShaun Maswanganyi noBradley Nkoane, uWalaza wakhombisa isibindi ecisho ebuya negolide kulo mjaho kodwa kwagcina kuyiCanada eyadla umdlanganiso. 

“Kuwumuzwa omnandi kakhulu. Njengamanje kuyinto emnandi ukuba uWalaza,” kusho lo mgijimi ngemuva kokudla umhlanganiso.

“Ngijabule kakhulu. Angazi nje, kuxubene kuningi. Ngijabule, ngesese konke nje.”

Ebuzwa ukuthi zithini izinhlelo zakhe ukuya phambili, lo mgijimi akazange elokhu ebindwa amagama.

“Izinhlelo zami ukuthi ngiqhubeke nokufunda, ngiphinde ngiqhubeke nokugijima, sekuyobonakala ukuthi kwenzekani ukuya phambili.”

Kulo mjaho uNkoane uphume isithathu wathola ithusi. Lokhu kukhombisa ukukhula kwezokusubatha kuleli emabangeni amafushane.

Abaningi bayazibuza ukuthi ngabe uWalaza uhlobene yini no-Excellent Walaza owayedlalela i-Orlando Pirates. Impempe iwuthumele lo mbuzo kulo mfana obukeka enekusasa eliqhakazile, kwezokusubatha. Uma esephendulile iyobuya Impempe ikhale kuzwakale.