UMngqithi unokuzethemba ngomlenze wesibili weMTN8
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, uthi bazoba yiqembu elihluke kakhulu emlenzeni wesibili uma kuqhathaniswa nendlela abenze ngayo kowokuqa.
ISundowns izoya eMoses Mabhida Stadium inomqansa kulandela ukushaywa yiStellenbosch FC ngo 1-0 emlenzeni wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu weMTN 8, eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngoLwesithathu ebusuku.
Lokhu kushaywa kwaBafana Ba’Style ekhaya, kuchaza ukuthi iStellies ingakwazi ukuvala emuva bese idlale ngokulingana ngo 0-0 emlenzeni wesibili eThekwini. ISundowns yona kuzomele izame ukuthola amagoli, kungenjalo izoliwasha ijezi kulo mqhudelwano.
“Sizenzele izinto zaba lukhuni thina. Uma ungawasabenzisi amathuba akho ebhokisini ujeziswa ngephenathi njengoba kwenzekile kithina,” kusho uMngqithi kwiSuperSport TV.
“Nokho kuseyisiwombe sokuqala lesi, esiwombeni sesibili sizobe sihluke kakhulu. Ngicabanga ukuthi besikudinga lokhu ukuze kusiphaphamise. Nginethemba sizokwenza kahle emlenzeni wesibili.”
Isiwombe sokuqala asibanga nawo amagoli yize kuyiSundowns ebibukeka iyingozi uma iya phambili. Bekugqame ukungenzi kahle kwabadlali beqembu lasekhaya uma selisendaweni eyingozi.
Ngesiwombe sesibili iStellies ithe ukubhukula nobekuphoqa ompetha beligi ukuthi benze amaphutha emuva. Ngaleso sikhathi izivakashi bezibukeka seziwutholile umgqigqo wazo.
Elinye lamaphutha ligcine lenziwe uGrant Kekana okeqe uDevin Titus ebhokisini, wangananaza unompempe wayikhomba emlotheni. Iphenathi ithathwe uFawaan Basadien ngomzuzu ka-62, wayibeka phakathi.
Ezintini zeSundowns bekukhona uJody February, engabonwa uRonwen Williams ovamise ukuvimba amaphenathi. Lo nozinti usazama ukwelulama ngokuphelele ekulimaleni akuthole sekuzophela isizini edlule.
Bekubukeka sengathi ilitholile elokulinganisa iDowns ngomzuzu ka-80 kodwa uSage Stephens wamgeza ubebebe umdlali omusha waleli qembu u-Arthur Sales. Lo mdlali owunkonko, waseBrazil, ubeqala ukudlalela iqembu lasePitoli.
Emlenzeni wesibili la maqembu azotholana phezulu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto ngo-3 ntambama. Nakanjani lo mdlalo uzoheha abalandeli abaningi futhi ushube kwelikaBhanana.