Ezokusubatha

UBongmusa Mthembu useyinxusa leBest of the Best Marathon 

NTOBEKO MZIMELA 

Omunye wemijaho ekhula ngesivinini eNingizimu Afrika, iBest of the Best Marathon, ukhuza ibuya nonyaka.

Lo mjaho, oqale ngo-2019 nohlelwa yiRavens Athletics Club, uzogijinywa ngoMashi 2 nonyaka. Uzosuka eKings Park Athletics Club, uphinde uphelele khona kuwona wonke amabanga.

Okuhlalukayo nonyaka ukukhula kwalo mjaho ngengoba usuzihlomulele ngabaxhasi abasha iNdabe Dignified Funerals, kanti baphinde basayina isivumelwano sokusebenzisana neDurban University of Technology (DUT).

Akupheleli lapho njengoba lo mjaho usumemezele inkakha kwezokusubatha kuleli uBongmusa Mthembu, osebe ngumpetha weComrades Marathon izikhawu ezintathu, njengenxusa lawo kusukela nonyaka.

Kulindeleke abasubathi ababalelwa ku-5000 nokuyisibalo esikhulile kusukela ku-3000 obubhalisile nyakenye.

Ozonqoba umjaho omkhulu (42.2 km) uzokhala emuke nesamba sika-R15 000 kwabesilisa nabesifazane. Kuphinde kwabekwa eceleni isamba sika-R20 000 esizohlukaniselana owesilisa nowesifazane ozophula irekhodi elimile likazwelonke kuleli banga 

Ukungenela kwabasubathi sekuqalile kuwo wonke amabanga. Ungaya ePick n Pay noma ungene kwi-website ethi: www.racepass.com noma www.webticket.co.za. Kuvalwa ngoFebhuwari 25.