I-MTN 8

UHotto uthi abeze ngolayini abafuna ‘ushukela’ kwiBucs

SIHLE NGUBO

Umdlali we-Orlando Pirates, uDeon Hotto, uthi bayilungele yonke imidlalo njengoba izoza ilekenyana kule sizini ka-2024/2025. 

I-Pirates izophinde ithole ithuba lokuvikela indebe yeMTN 8 kulandela ukudlulela kowamanqamu walo mqhudelwano okwesithathu kulandelana.

EZimnyama zishaye iCape Town City ngo 2-0 emlenzeni wesibili weMTN8 e-Orlando Stadium, ngoMgqibelo ntambama. Lokhu kusho ukuthi leli qembu laseSoweto linqobe ngo 3-1 njengoba umlenze wokuqala eDHL Stadium, uphele ngo 1-1 ngoLwesithathu.

NgoMgqibelo uHotto udlale kahle kakhulu Waze waqokwa njengomdlali ovelele.

“Yilokhu ebesisebenza kukhona. Sesidlulele kowamanqamu vele besifuna ukuvikela indebe yethu,” kusho uHotto kwiSuperSport TV.

“Umdlandla ukhona mkhulu. Imidlalo iza ngokushesha kodwa yonke siyilungele. Siyimiqemane futhi siqinile.”

I-Pirates iyona evikela le ndebe eyithathe ngesizini edlule kulandela ukushaya iMamelodi Sundowns kowamanqamu. Njengamanje iSundowns ilengela engozini yokungafinyeleli kowamanqamu njengoba ishaywe yiStellenbosch ngo 1-0 emlenzeni wokuqala eLucas Moripe Stadium, ngoLwesithathu.

Igoli elenze yakhululeka iPirates lize noTshegofatso Mabasa olingqofele phakathi ngomzuzu ka-25. Ngaphambi kwalokho bekubukeka kuyiCityzens ebiyingozi uma iya phambili.

Ukungena kwegoli kushintshe yonke into, yaqala yavuka emaqandeni iPirates. Ngomzuzu ka-43 kuphinde konakala emzini wezika-Eric Tinkler, uDeon Hotto ebeka phakathi ifree kick emshiye enkemile uDarren Keet, ezintini zeCityzens.

Ngesiwombe sesibili womabili amaqembu awatholile amathuba okushaya amagoli kodwa kwagcina lingekho elingenile. Ithuba elikhulu lehlele uRelebohile Mofokeng ohluleke ukubeka ibhola enethini engasekho uKeet epalini.

Emdlalweni wesibili wowandulela owamanqamu weMTN 8 iCity izobhekana neSundowns eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngeSonto ngo-3 ntambama.