I-MTN 8

I-Pirates ibuye negoli elibalulekile eKapa koweMTN8

SIHLE NGUBO

I-Orlando Pirates ibuye negoli elibalulekile eKapa ngesikhathi ibambana neCape Town City ngo 1-1 emlenzeni wokuqala wowandulela owamanqamu weMTN 8, eDHL Stadium, ngoLwesithathu.

Leli goli elitholwe yiBucs lisho ukuthi ingadlulela phambili uma la maqembu engadlala ngokulingana ngo 0-0 emlenzeni wesibili e-Orlando Stadium ngoMgqibelo. Ngakolunye uhlangothi iCityzens kuyomele ishaye igoli nakanjani uma ifuna ukudlulela phambili kulo mqhudelwano.

Umdlalo uqale amaqembu ehluleka womabili ukuhlanganisa kahle amaphasi. Bekucaca ukuthi abengakafudumali kodwa engafuni nokwenza amaphutha.

Lithe ukwenyuka ngemuva kokuthi uRelebohile Mofokeng eshaye igoli lePirates ngomzuzu ka-15. ICityzens ibingasafuna ukuhlala emuva izama ukuthola igoli lokulinganisa.

Yize abekhona amathuba okushaya amagoli kuwona womabili amaqembu kodwa ziye ekhefini kungu 1-0. Nokho isiwombe sokuqala bekungeseBucs.

Isiwombe sesibili siqale sekuyiqembu lasekhaya ebelivutha. Akumangazanga ngesikhathi uJaeden Rhodes eshaya igoli leCityzens ngomzuzu ka-61 kwaba ngu 1-1.

ICityzens beyazi ukuthi lokho akwanele nokwenze ukuthi iqhubeke nokuhlasela. Lokhu kuphoqe ibhentshi lePirates likhiphe uMofokeng, oshaye igoli, kwangena uMakhehleni Makhaula ngomzuzu ka-67.

Kulo mdlalo kuphinde kwabonakala okokuqala uVieira Gilberto osanda kusayina kwiBucs. Nokho ingcindezi ibilokhu iqhamuka kwiCityzens, ifuna igoli lesibili.

Akungabazeki ukuthi umlenze wesibili uzoshuba e-Orlando Stadium uma kubhekwa indlela adlale ngayo la maqembu eKapa.