AmaBhokoBhoko

UKolisi ubonge abalandeli bephunyuka kwi-All Blacks

SIHLE NGUBO

‘Dankie. Siyabonga. Sibonga kakhulu.’

Lawa kube ngamazwi kakaputeni uSiya Kolisi, ngemuva kokuthi amaBhokobhoko enqobe iNew Zealand ngo 31-27 sekuvaliwe amehlo, e-Emirates Airline Park Stadium, eGoli, ngoMgqibelo.

Bekubukeka sengathi i-All Blacks izophoxa amaBhokobhoko phambi kwenqwaba yabalandeli bawo kodwa alwa kwaze kwaba sekugcineni kulo mdlalo weCastle Lager Rugby Championship.

“Egameni leqembu lonke sithanda ukunibonga kakhulu ngokuseseka kwenu. Hhayi namuhla kuphela kodwa nihlale niseseka futhi sikubonga kakhulu lokho,” kusho uKolisi kwiSuperSport TV.

“Ningayeki ukuseseka, ngeke sikwazi ukwenza lokhu ngaphandle kwenu. Ngiyayincoma iNew Zealand nomqeqeshi wayo ngomdlalo omuhle.

“Nokho sizitshele ukuthi ngeke sitatazele ngesikhathi silandela ngemuva. Akumele ulahle ithemba, ngiyaziqhenya kakhulu ngabafana. Umsebenzi awukapheli kodwa.”INingizimu Afrika ibilandela ngemuva isikhathi esiningi somdlalo. Kunesikhathi lapho i-All Blacks ibihamba khona phambili ngo 27-17 sekucaca ukuthi amaBhokobhoko azothola induku okokuqala kulo mqhudelwano.

Nokho ama-try kaKwagga Smith, ngomzuzu ka-67, nekaGrant Williams ngoka-75, iwona abuyisele amaBhokobhoko emdlalweni. Phambilini ngesiwombe sokuqala uBongi Mbonambi ushaye i-try yokuqala yamaBhokobhoko ngomzuzu ka-17. La ma-try alekelelwe amaphenathi kaSacha Feinberg-Mngomezulu.

I-New Zealand ibihamba yodwa njengoba iqobele ama-try amane yathola nephuzu lebhonasi. Leli phuzu belibukela njengebelizohamba namaphuzu amane kodwa aphika amaBhokobhoko ekugcineni.

Ukunqoba kweNingizimu Afrika kusho ukuthi seyivule igebe esicongweni njengoba isinamaphuzu angu-14. I-New Zealand yona ibisishaywa okwesibili kulo mqhudelwano, kanti inamaphuzu ayisithupha.

La mazwe azophinde atholane phezulu emdlalweni weRugby Championship ngempelasonto ezayo. Uma amaBhokobhoko ephinde enqoba lapho ayobe eseqedile ngephupho leNew Zealand lokunqoba iRugby Championship ka-2024.