I-Pirates ibhale umlando omusha kwiMTN8
SIHLE NGUBO
I-Orlando Pirates iqophe umlando ivikela iMTN8 okwesithathu kulandelana ngemuva kokushaya iStellenbosch FC ngo 3-1 emdlalweni wamanqamu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku.
EZimnyama zinqobe indebe yeMTN8 ngo-2022 no-2023 kanti beziye kulo mdlalo kuyizona izimfivilithi.
Umdlalo ubushesha zisuka lingekho iqembu ebelizama ukulinda ukufudumula. Nokho bekuyiPirates ebihlasela kakhulu ikhombisa ukuthi iyona ompetha abavikela iMTN8.
Kuthe kungalindelekile iStellies yaphonsa ibhola engxenyeni yeBucs, lathola ikhanda lika-Andre De Jong olibeke kuLehlohonolo Mojela, washaya uqethu lakhala phakathi ngomzuzu ka-12.
Ngemuva kwalokho abafana baseKapa badlale kangcono kucaca ukuthi sebenokuzethemba. Nokho bebehluleka ukuphaselana kahle ibhola uma sebefike endaweni eyingozi.
Ukungakusebenzisi ukucindezela kwabo kuholele ekutheni iBucs iphinde ibuyele emdlalweni. Akumangazanga ngesikhathi uMonnapule Saleng eshaya igoli ngomzuzu ka-43, ngemuva kokuqedela ifree kick kaDeon Hotto.
Akukho okutheni okwenzekile ngemuva kwalokho, umdlalo waya ekhefini zibambene ngo 1-1.
Ngesiwombe sesibili bese zithengana kodwa iBucs beyikhombisa ukuthi yona inamava uma kukhulunywa ngokudla iMTN8.
Bese kubukeka sengathi umdlalo uzoya esikhathini esengeziwe ngesikhathi uTshegofatso Mabasa eshaya igoli ngomzuzu ka-90+1. Kube yifree kick ethathwe ngokushesha iStellies ingalindele yakhala phakathi.
Ngemuva kwalokho iStellies ibukeke isithele imizimba phansi nokwenze ukuthi uRelebohile Mofokeng, obengene ngesiwombe sesibili, ashaye igoli lesithathu kwachwaza inkundla.
UThabiso Sesane oqoqwe njengomdlali wosuku uthe: “Besazi ukuthi kuzoba nzima kodwa besifuna ukuzinikela sibabambe ngokuhlasela ngezinye izikhathi.
“Ngibonga umqeqeshi ngokukholelwa kithina nokusinika ithuba ngokukholelwa kithina.”