Owayedlala kwi-Arrows ubalisa ngawaseKZN kwiMTN8
PHILI HLONGWANE
Owayengumdlali weLamontville Golden Arrows, uNjabulo Manqana, uthi akeneme nakancane ngokuthi alikho iqembu laKwaZulu-Natal elikwaze ukungena kwiMTN 8 ka-2024.
UManqana ungomunye wabadlali bakudala abangamanxusa eMTN 8 kulesizi kanjalo noFabian McCarthy owayedlalela iKaizer Chiefs. Lo mdlali wayeyingxenye yaBafana Bes’thende ngesikhathi bevuthulula i-Ajax Cape Town ngo 6-0 kowamanqamu weMTN8 ngo-2006.
“Ibhola liyashintshashintsha angifuni ukuqamba amanga. Ngoba uthi uhlangana nomuntu akutshele ukuthi ngezikhathi zenu nanidlala kahle, manje…efuna ukukubona ukuthi wena uzokhuluma kanjani ngebhola laseNingizimu Afrika,” kusho uManqana.
“Umtshele ukuthi mhlawumbe ngezikhathi zethu kwakungcono manje sekunezinto eziningi ezikhona enkundleni, nabaqeqeshi abazidingayo. Abafana basaqhubeka basadlala.
“Mina nje into engiyishoyo ukuthi angijabulanga ngamaqembu alapha KwaZulu-Natal. Ukuthi asikwazanga ukuba kwiTop 8 kulokhu.
“Kubukeka sengathi siyizehluleki. Amaqembu ethu mane kodwa alikho nelilodwa elingenayo. Ngicela ukuthi njengoba iqala isizini abafwethu bazimisele eKNZ ngoba sonke siyazi ibhola lilapha eKZN.
“Ikubokalo (ibhola) lapha. Iningi labadlali abadlala kwiDiski Challenge koKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates basuka lapha.”
Umdlalo wamanqamu uzodlalwa yiStellenbosch FC nePirates kulokhu. Inkundla okuzodlalelwa kuyona isazomenyezelwa.