AmaBhokoBhoko

USiya Kolisi uqopha umlando okuyoba nzima ukuwucisha kumaBoks

SIHLE NGUBO 

USiyamthanda Kolisi ulokhu eqhubeke njalo nokuzakhela owakhe umlando njengokaputeni weqembu lesizwe laseNingizimu Afrika, amaBhokobhoko.

UKolisi uphakamise indebe iFreedom Cup nokumenza ukaputeni wokuqala ukwenza lokho kusukela ngo-2009. INingizimu Afrika iqumbe phansi iNew Zealand ngo 18-12 emdlalweni weCastle Lager Rugby Championship, eDHL Stadium, eKapa, ngoMgqibelo. 

Lokhu kuchaza ukuthi amaBhokobhoko akhale emuka nendebe iFreedom Cup ayibanga ne-All Blacks. Kungokokuqala ukuthi amaBhokobhoko ashaye iNew Zealand imidlalo emine kulandelana kusukela ngo-1949. 

Njengamanje amaBhokobhoko asebheke ukuqukula iRugby Championship ka-2024. Ompetha bomhlaba abayazi induku selokhu benqobe iNdebe yoMhlaba ngoNovemba nyakenye, kulandela ukushaya yona iNew Zealand.

Ngokunqoba iNdebe yoMhlaba okwesibili kulandelana, uKolisi ube ukaputeni wokuqala waseNingizimu Afrika ukukwenza lokho namaBhokobhoko. Uyena obehola iqembu ngo-2019 liphakamisa le ndebe.

UKolisi usehole amaBhokobhoko imidlalo engu-58 nokumenza alale endaweni yesibili kokaputeni baleli qembu asebelihole imidlalo eminingi. NgoMgqibelo uKolisi uyena oshintshe izinto eKapa eshaya i-try yokuqala kwamabili amaBhokobhoko. Enye i-try ibekwe uMalcolm Marx.