UHugo Broos kumele aphoxe uMothwa noma abeke iBafana engcupheni
SIHLE NGUBO
Kuzomele athathe isinqumo ngonozinti azomsebenzisa emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos.
Iqembu laseNingizimu Afrika lizodlala umdlalo wesibili wokuhlunga neSouth Sudan, eJuba Stadium, ngoLwesibili. IBafana iya kulo mdlalo nje isanda kulahla amaphuzu kungafanele lapho ibambane ne-Uganda ngo 2-2 e-Orlando Stadium, ngoLwesihlanu.
Kugqame izinto ezimbili ezenzele phansi iqembu lakuleli kulo mdlalo wokuhlungela i-Afcon eseMorocco ngonyaka ozayo. Okokuqala kube ukugeja inqwaba yamathuba ngesiwombe sokuqala somdlalo.
Okwesibili, nokushiye abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika bemangele, kube yiphutha likanozinti waMaZulu FC, uVeli Mothwa, ovele waxegelwa yizandla ededela igoli lesibili le-Uganda. Lo nozinti bekumele alivimbe leli bhola kodwa lakhala phakathi yize uRogers Mato ebelishaye ekude kakhulu.
Bekuvele kunemibuzo ngokudlaliswa kukaMothwa ngoba awukho umdlalo asawudlalile kule sizini. Abaningi bebebheke ukuthi uBroos afake uSipho Chaine, we-Orlando Pirates, osedlale imidlalo emithathu yeMTN 8 nemibili yeCaf Champions League. URicardo Goss, weSuperSport United, yena usadlale kwi-quarterfinal yeMTN 8 kuphela.
Lo mqeqeshi waseBelgium uzesekile ngesinqumo sakhe sokudlalisa uMothwa, waphinde wameseka lo nozinti woSuthu.
“Lena yinto oyazi ngemuva komdlalo ukuthi umdlali omqokile ubekulungele yini ukudlala. Uma uVeli engalenzi iphutha kulungile mhlawumbe sizowunqoba umdlalo, futhi lokho (iphutha) kungenzeka kunoma yimuphi unozinti,” kusho uBroos.
Lo mqeqeshi uthe uMothwa uphoxeke kakhulu ngokwenzela phansi iqembu kulo mdlalo.
“Manje kumele sibone ukuthi unjani, uphoxeke kakhulu. Sinomsebenzi omkhulu wokumbuyisa ngokomqondo futhi sizobona ukuthi kuyenzeka yini. Kodwa angizisoli ngokudlalisa uVeli namuhla ezintini.”
Indlela akhulume ngayo uBroos ngemuva komdlalo ikhombisa ukuthi angase aphinde ambuyise uMothwa emdlalweni wangoLwesibili.
“Uma ubona ukuthi akakulungele ukudlala lowa mdlalo ngoLwesibili, ngeke umdlalise ngoba kunengozi yokuthi enze iphutha futhi,” kusho uBroos.
IBafana kuzomele izame ukuthola amaphuzu amathathu eJuba Stadium njengoba ilahle amabili ekhaya. Kuzocaca ngoLwesibili ukuthi uzomnika yini ithuba uChaine noma uzoqhubeka noMothwa.